Uyise kaNtuli usanemibuzo ngokushona kwendodana yakhe

251

SENZO SOKHELA

UVEZE ukuthi usenemibuzo ngokushona kwendodana yakhe uyise kaBonginkosi “Mdeva” Ntuli (32)  (osesithombeni), obengumgadli wamaZulu FC, odlule emhlabeni isigubhukane ngeSonto esesibhedlela saseMgungundlovu.

UMdeva ufihlwe izolo ngoLwesine.

UThulani Ntuli onguyise kaBongi, ekhuluma nezinkumbi zabalandeli nezi-cukuthwane enkonzweni yesikhumbuzo ebesingoLwesithathu ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ubonge ukwesekwa emuva kokushona ndodana yakhe.

“UBongi ugule isikhashana, sonke besizitshela ukuthi yinto ezodlula. 

ngeshwa kwamenela. Ngibuhlungu ngendlela ashone ngayo futhi nginemibuzo, kodwa konke ngikushiyela kuNkulunkulu,” kusho uNtuli.

USnenjabulo Zungu-Ntuli oyinkosikazi kaBongi, futhi oyisikhulu esiphezulu kumaZulu, ubonge uthando alunikwe nguBongi, wathi akazi ukuthi impilo izoqhubeka kanjani. URamahlwe Mphahlele odlala emuva kumaZulu, uthe kube nzima kuleli sonto bezwa izindaba zokudlula emhlabeni kukazakwabo.

Uthe konke abazokwenza enkundleni bazokhumbula yena.

Previous articleUshonele esibhedlela owesifazane (59) oshaywe, wanukubezwa ngumfana wendawo
Next articleBayenzile indaba omakhalekhukhwini, ufonelwa nangehora labathakathi