Uyise kaRatomo ucacisa ngekusasa lendodana yakhe

302

MFANAFUTHI NDLOVU

“YI-ORLANDO Pirates ezonquma ngekusasa likaRelebohile “Ratomo” Mofokeng njengoba kunamakilabhu amfunayo emazweni ase-Europe okubalwa kuwona iFrance, iNetherlands ne-England.” Lawa ngamazwi kaSechaba Mofokeng onguyise kaRelebohile, ofike kwezwakala kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika njengoba edlala ibhola elineNkosi phakathi. 

Lo mdlali ugile izimanga nasemdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ebhakuzisa igoli lokunqoba lePirates ekubeni ubesuka ebhentshini ngesikhathi beguqisa iMamelodi Sundowns ngo-2-1 ngeledlule eMbombela Stadium, eMpumalanga. Ngemuva kwalo, ziphinde zaqala phansi izinkulumo zokuthi angase angabuyi kwiPSL ngesizini ezayo ngenxa yengcwenga ayidlalayo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi kulesi sizin esanda kuphela, uke walibangisa phesheya ukuyokwenza inhlolokhono.

Ekhuluma naleli phephandaba ngesimo sendodana yakhe, uSechaba, uthe yiBucs okufanele inqume ngekusasa layo njengoba isenenkontileka nayo. Uqhube wathi ukuba uyazenzela, umfana wakhe ubezomhambisa eNetherlands ngoba ukholwa wukuthi ibhola lakhe lingadlondlobala uma engaqala khona. “Empeleni nami kukhona engisafuna ukumsiza kukhona endleleni adlala ngayo uRelebohile. Phela usakhula, usenawo amaphutha lapha nalaphaya,” esho.

Umncome ngokuqhubeka nokuba nenhlonipho emndenini yize esephenduke usaziwayo othandwayo.

URelebohile uwuncele kuyise unobhutshuzwayo njengoba noSechaba wazakhela udumo egijima kwiWembezi Juventus kaSipho Makhathini (ongasekho), ngesikhathi isagijima kwiSafa KZN Vodacom League, esiyi-ABC Motsepe League ngenxa yabaxhasi. 

mfanafuthin@ilanganews.co.za

Previous articleUnovalo owoKhozi ozokwethula olomculo wesintu kumabonakude
Next articleI-MKP isilufake eNkantolo yoMthethosisekelo olokuhlala kwePhalamende ngoLwesihlanu