LUCKY CAIN
UNGQONGQOZE eminyangweni eminingi ngaphambi kokuvuleka kowenkampani kaBig Zulu, iNkabi Records, umculi osezakhele igama kulo mkhakha futhi ophinde abe ngumdidiyeli wezingoma ezidumile zalo mrepha nabangaphansi kwayo, uXowla Stallion, ogama lakhe langempela nguLindani Shabalala. Lo mculi usanda kukhipha eyakhe ingoma noDJ Tira, ethi “Gibela”.
Ube nengxoxo neLANGA ngebanga aselihambile kulo mkhakha njengoba kube nesikhathi lapho ephoqeleke ukubuyela kubo emuva kokuba izinto zingamlungelanga eGoli. Utshele leli phephandaba ukuthi uqale ukwenza umculo esakhula ePhaykeni, eMnambithi ngaphambi kokufudukela eGoli ukuyozama amadlelo aluhlaza.
“Ngesikhathi siseGoli, singqongqoze eminyangweni eminingi ngenhloso yokuthi sisayinwe, sibe ngaphansi kwenkampani. Besiqhubeka nokwenza umculo njengoba konke ebesikwenza besizenzela thina ngokuphanta kwethu, kodwa iminyango yokuthola inkampani ibingavuleki,” kusho lo mculi. Uthe ngemuva kokuzama kungenzeki, kuphoqeleke ukuba agoduke.
“Ngemuva kokuhlala isikhathi esingangonyaka ekhaya, ngiphinde ngathatha amasaka ngaphindela KwaNdonga Ziyaduma (eGoli) ngoba bengikulwela ukufezekisa iphupho lami nokubonakalisa ithalente lami emculweni,” kusho yena. Uthe imana imwele ngo-2021 emuva kokuhlangana noBig Zulu. Ufike kwiNkabi waqala ngokuba wumdidiyeli wezingoma. Kule nkampani uXowla udidiyele izingoma okubalwa kuzo iVolovolo, okuyingoma kaBig Zulu engenye yezithandwe kakhulu ngabantu.
Usebenza nabaculi abehlukene abangaphansi kweNkabi Records nabanye abangekho kuyona. Kulaba kubalwa uMduduzi Ncube, iQwabe Twins, uLwah Ndlunkulu noZandie Khumalo.