Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UZakes uzwakalise indumalo ngesenzo sikaDJ Cleo

UZakes uzwakalise indumalo ngesenzo sikaDJ Cleo

by | 4 November 2024

LUCKY CAIN

SIZWAKALISE ukudumala isihlabani somculo, uZakhele “Zakes Bantwini” Madida (osesithombeni) ngesenzo sikaDJ Cleo – ogama lakhe langempela nguCleopas Monyepao – sokuncisha i-kwaito yaseThekwini ithuba elanele ngesikhathi kuhlonishwa iminyaka ewu-30 yomculo waseNingizimu Afrika, ngaphansi kwentando yeningi emcimbini weSouth African Music Awards SAMA) ngempelasonto.

UZakes ubabele enkundleni yokuxhuma iX wazwakalisa ukungathokozi ngalesi senzo sikaDJ Cleo. Uthe uyithokozele indlela uCleo ahlanganise ngayo izingoma – ezisetshenziswe ukuhlonipha umculo wakuleli – kodwa wathi udumele ngokuthi iDurban kwaito kayimelelekanga ngendlela egculisayo.

UCleo ube esemphendula ngokuthi bekuzoba ngcono ukuba umbhalele umyalezo kumakhalekhukhwini wakhe njengoba enayo inombolo yakhe. Uthe uyamthanda uZakes futhi uyameseka emsebenzini awenzayo. Ngemuva kwale mpendulo kaCleo, uZakes ube esexolisa ngombhalo wakhe, wathi akwenzile ubekwenziswa wuthando lomculo.

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...