Uzakhele Fugazi ngokufuna kusizwe abasemakhaya

654

Bobathathu bayomela elakuleli emincintiswaneni yomhlaba

NONHLAKANIPHO SHINGA

WETHESWE isicoco sokuba nguMiss South Africa 2020, uShudufhadzo Musida ongowaseLimpopo. UThato Mosehle ulale isibili kwathi uNatasha Joubert wathatha isikhala sesithathu.                IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

IKHATHAZWA wukunganakwa kwendaba yokufundisa abantu basezindaweni zasemakhaya ngezifo zengqondo intokazi yaseHaMasia, eLimpopo, uShudufhadzo Musida (24), elale ngoMgqibelo isithwele isicoco sikaMiss South Africa. 

UShudufhadzo udle umhlanganiso kulo mncintiswano obuseThe Table Bay Hotel, eCape Town, ehlula ezinye izintokazi eziwu-9. Isibili kube nguThato Mosehle (25), waseKlersdorp, isithathu kwaba nguNatasha Joubert (23) wasePretoria. 

Ngesikhathi zisashukana, uShudufhadzo ubuzwe ukuthi uma ephumelela, yikuphi afisa ukukwenza ngesikhathi anikwe sona sokuba nguMiss South Africa, wathi ufisa ukugxila ekuthuthukiseni abesifazane nezingane ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya ngokwemfundo nokuthi bafukuleke kwezomnotho. 

“Ezindaweni eziningi zasemakhaya kayinakwa indaba yokufundisa abantu bakhona ngezifo ezahlukene zengqondo ezihlasela abantu abaningi. 

“Isifiso sami esikhulu wukugxila nasekufundiseni ngokunakekela ingqondo. Njengoba kuhlasele isifo iCoronavirus, kubaluleke kakhulu ukuthi ngisho nasezikoleni ibhekisiswe indaba yezifo zengqondo ngoba baningi abantu abagcina benengcindezi ngenxa yesikhathi ebesikusona,” esho.  

Uveze ukuthi naye ngesikhathi kusavalwe izwe ubeqinisekisa ukuthi uyazinakekela ngazindlela zonke ikakhulukazi ngokomqondo, kanti ufunde nokwamukela ukuthi kuhle ukucela usizo uma ubona ukuthi kawukwazi ukubhekana nokuthile wedwa. 

Uthe uyazifela ngoTrevor Noah ongusomahlaya wakuleli ozinze e-USA, nomculi uMiguel.

Njengamanje le ntokazi yenza iziqu ze-BA Honours kwi-International Relations e-University of Witswatersrand, ineziqu zeBachelor of Social Sciences in Philosophy, Politics and Economics azithole e-University of Pretoria.

Ngokuhlabana kwakhe ngalesi sicoco, uthole u-R1 million nemiklomelo elinganiselwa ku-R2 million

Uzonikwa indawo yokuhlala kanokusho eseSandton neMercedes-Benz azohamba ngayo unyaka wonke. 

UThato ugoduke no-R250 000, uNatasha kwaba wu-R100 000. Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi bobathathu ozime abaphumelele bayomela iNingizimu Afrika emincintiswaneni emikhulu yomhlaba njengoba phambilini iMiss South Africa Organisation beyiye ithumele abazomela leli kuMiss Universe noMiss World kuphela. 

Manje enye yalezi zintokazi izomela leli kuMiss Supranational kanti kusazomenyezelwa ukuthi zizohlukaniswa kanjani. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleAbalandeli nomkhankaso wokweseka uKatlego
Next articleUbalisa ngesifo esihlasele iChiefs