Uzalo lugadla ngomakadebona babalingisi

976

LUCKY CAIN 

UZOGADLA ngabalingisi asebezakhele igama kwezinye izinhlelo umdlalo kamabonakude owuchungechunge, u-Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuSABC 1. 

Lo mdlalo – oke waqopha umlando ngokuba nababukeli abaningi – uyapheka uyathulula
njengoba uchitha izilomo okunguWiseman Mncube, odlala indawo kaSbonelo noNkanyiso Mchunu, odlala ekaWizard. 

Ukuchithwa kwalaba balingisi kulandela
ukufika kwabasha okunguVuyo Dabula (Osesithombeni), oke
wadlala indawo kaGaddafi  kwiGenerations: The Legacy, uNohle Jali – obeyinkosikazi yesilomo somdlali kanobhutshuzwayo u-Andile Jali, futhi oke waba yingxenye yezinhlelo iDiski Divas neBootcamp Mzansi – noSlie Ndlovu obeyingxenye yohlelo iReal Housewives of Durban. 

Umdidiyeli woZalo, uKing David Mukwevho, ubonge uWiseman noNkanyiso njengoba ebachaze njengezinkakha ngokudlala izindawo abebezinikiwe kulo mdlalo ngokuseqophelweni eliphezulu. 

Ubafisele okuhle kodwa ukuya phambili. 

Ngakolunye uhlangothi, u-Ofentse Thinane oyisikhulu seSABC 1, uzwakalise ukujabula
ngokwemukela laba balingisi abajoyina u-Uzalo, wathi unethemba lokuthi bazofika nokwehlukile, okuzothokozisa ababukeli. 

Previous article“Ubalekela” ijele otshelwe ukuthi uno-R2 million wempesheni
Next articleUzinikele emaphoyiseni oweSizokuthola