UZAMA INHLANHLA EKILABHINI YASE-KZN OWADUMA KWI-DOWNS

503
NGUKUDAKWASHE Mahachi

SENZO SOKHELA
UZAMA inhlanhla ekilabhini yaKwaZulu-Natal umdlali waseZimbabwe ozakhele udumo egijima kwiMamelodi Sundowns. ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uKudakwashe Mahachi (29) odlala ophondweni lwesokunxe-le phambili, uzama inhlanhla kwi Maritzburg United. Lo mdlali ugcine ukubonakala ebholeni laseNingizimu Afrika egijima kwiSuperSport United ngesizini eyedlule. Inqume ukungayeluli inkontileka yakhe ngesikhathi kuphela isizini. Lo mdlali kuthiwa uvumbuka kwiMaritzburg nje, ubebhekene necala elibucayi, esolwa ngokuzama ukubulala indodana yakhe, uDiego (4).


Nokho ugcine elinqobile icala njengoba esezama ukukhuza ibuya ebholeni. Umthombo waleli phephandaba uthe: “UMahachi ukuleli, ufike ngeledlule. Njengamanje uzama inhlanhla kwiMaritzburg, ubengakasayini. Bamubizile ngenhloso yokubheka isimo sakhe ngoba bayamudinga umdlali onamagalelo aziwayo kule ndawo ayidlalayo.’’ Imizamo yokuthola uSihlalo weMaritzburg uFarook “Ntshebe” Kadodia ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.


UMahachi ucashunwe komunye umthombo wabezindaba ebalisa ngosizi abhekane nalo ngenxa yalezi zinsolo. “Ngiyindoda ephukile, ngizwa ubuhlungu ngale nto eyenzeke endodaneni yami nezinsolo zokuthi bengizama ukuyibulala yize imibiko yodokotela abangochwepheshe ibikuphika lokho. “Ngilahlekelwe yikhona konke engikusebenzele kanzima. Bekuyiphupho lami ukumela izwe lami ngobuqotho. “Njengendoda, kangisakwazi manje ukuphakela umndeni wami kwazise yonke imali ebengiyongile ishabalele ngizama ukuthola ubulungiswa. Leli yiphupho engidlule kulona elingasoze lacisheka,” kusho uMahachi. senzos@ilanganews.co.za.

Previous articleUnqanyukelwe wumoya esakaza owoKhozi FM
Next articleUmphakathi uneqhazaekuboleni kweTheku