Uzame ukuvika ngosomqhele ebalekela ukuboshwa

806

Usethololoza esitokisini owesifazane obefunelwa ukukhwabanisa

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUGQUGQUZELWA umphakathi ukuzivikela ngokufaka izimfonyo nokuhlala ugeza izandla ukuze ungahlaselwa kalula wusomqhele (coronavirus).

UBANJWE ngamaphoyisa wazenza ohaqwe yigciwane usomqhele (coronavirus) owesifazane obefunwa uthuli ngecala lokukhwabanisa.
Lona wesifazane uqubule elinye itwetwe ngoLwesihlanu KwaZulu-Natal ngesikhathi engeniswa esibhedlela Osindisweni ngemuva kokusolwa ngokukhombisa izimpawu zeCovid 19 (Coronavirus).
Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa embopha, ukhale ngezinhlungu esifubeni nokuphathwa yikhanda. Kwenzeka lokhu nje, avele amaphaphu aphezulu eNingizimu Afrika njengoba ngoLwesine kuvele izindaba zowesilisa wokuqala kuleli ukutholakala nalesi sifo.
Utholwe eMgungundlovu.
Lona wesilisa kubikwe ukuthi ubekade evakashele e-Italy, kanti ekubuyeni kwakhe, ube esebanjwa wukugula okuthe uma eya kudokotela kwavela ukuthi unalesi sifo. Ngokuthola kweLANGA langeSonto, lona wesifazane ungeniswe esibhedlela emuva kokuba ebanjwe ngamaphoyisa abevele emlinde esikhumulweni sezindiza, iKing Shaka International.
Kuthiwa ubefunwa ngecala lokukhwabanisa elenzeke eGoli. Kuthiwa esesendleleni namaphoyisa, ukhale ngezinhlungu esifubeni wabe esephuthunyiswa emtholampilo wasoThongathi.
Umthombo weLANGA langeSonto osebenza kulo mtholampilo, uthi lona wesifazane ufike ebusuku eqhutshwa ngamaphoyisa.
“Ufike emtholampilo ekhala ngekhanda nangezinhlungu esifubeni, ube esebonana nodokotela. Kakuphelanga isikhathi esingakanani kwabe sekubizwa i-ambulensi.
“Ngesikhathi isifikile, abantu abebezomlanda bebefake izingubo ezimhlophe ezibavimbela ukuba batheleleke ngegciwane. Uthathiwe wayiswa esibhedlela,” kusho umthombo. ILANGA langeSonto libe selinikela Osindisweni ukuyozibonela mathupha, nebala lifice abantu abebeze kulesi sibhedlela befake izifonyo ezisetshenziswa uma kuvikelwa leli gciwane.
Bekukhona nemoto yamaphoyisa okuvele ukuthi abegade lona wesifazane. Umthombo ongaphakathi kulesi sibhedlela, ulihlebele ukuthi onogada batshelwe ekuseni ukuthi abanike zonke iziguli nawo wonke umuntu ongena ngaphakathi lezi zifonyo.
“Kasazi nathi ukuthi kwenzekeni kodwa onogada ekuseni bebenikeza izifonyo wonke umuntu ngisho izisebenzi zalapha esibhedlela. Kuyimanje lo muntu okusolwa ukuthi unalesi sifo, uyedwa egunjni, ugadwe ngamaphoyisa.
“Efika ekuseni, abantu abamlethile bebefake izinto ezivikela umzimba lezi esizibona komabonakude eChina. Lokhu kubethuse kakhulu abantu,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalona wesifazane.
“Lona wesifazane ubevele efunwa ngamaphoyisa ngecala lokukhwabanisa. Kuthe amaphoyisa esemhambisa esitokisini, wakhala ngokugula wabe eseyiswa emtholampilo.
“Ubhekiwe wadluliselwa Osindisweni lapho eqhubekile nokubhekwa wabe esededelwa, kumanje usesitokisini,” kusho uBrig Naidoo.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize izolo ngoMgqibelo uqinisekise owesibili ohaqwe yileli gciwane, wabe esenxusa abantu bakuleli ukuthi bangakholwa noma iyiphi imibiko engamampunge ngaleli gciwane. Uthe owesibili ohlaselwe yileli gciwane uzinze eGoli kanti ubeyingxenye yabalishumi abebehambele e-Italy.
Bheka nasekhasini 10

Previous articleKulusebenzele uSuthu ukucasula iChiefs
Next articleIsilomo sowokholo sigonyuluka ngokudakwa