Uzame ukuzibulala nomndeni “owadlwengulwa” ngabesilisa (5) basendaweni

453

NONHLAKANIPHO SHINGA

IZAME ukubhubhisa umndeni wayo ngophoyizeni yona yaphuza amaphilisi, izama ukuzibulala intombazane (18) yaseMayendeni, eMtshezi, ngoba ihlose “ukubhodla” ngenxa yokudlwengulwa ngabesilisa abawu-5 basendaweni, beshintshana ngayo

ILANGA lithole ukuthi le ntombazanyane – esingeke siyidalule nesibongo somndeni wayo, ukuyivikela – yenza lokhu nje, yadlwengulwa ngoNtulikazi (July), emuva kwalokho abadlwenguli bayisabisa ngokuthi bazoyibulala nomndeni wayo. 

Leli phephandaba lixoxe noyise wesisulu (esiligodlile igama), othe baqale ukuqaphela indlela ebesiziphethe ngayo ukuthi kukhona okungalungile. Bekuthi uma sibuzwa ukuthi kwenzenjani, sivele sikhihle isililo. 

“Ithumbu libhoboke emasontweni ama-thathu edlule umama wakwami epheka ubhontshisi. 

   “Ubuzwakala ukuthi unento engalungile ethelwe kuwona futhi ungadleki,” esho. 

Uthi kuthe kungakapheli isikhathi esinga-kanani, wayobheka indodakazi endlini ebilele kuyona, wayifica ikhihliza amagwebu.

“Siyiphuthumise esibhedlela, bafike bathola ukuthi idlwenguliwe (ngabafana basendaweni esibaziyo),” esho. 

“Ngelanga eyadlwengulwa ngalo, ngangikhona, ngilele kwenye indlu. Sithole ukuthi le nto isinesikhashana yenzekile.

“Ibisagcine ngisho ikepisi lomunye wabasolwa. Kungiphathe kabi kakhulu ukuthi ingane yami ibhekane nobunzima obungaka, yasaba ukusitshela,” kusho uyise wesisulu.

Uthe bayasola ukuthi indodakazi yakhe ibibafakele ushevu ngoba ibona ukuthi vele bazobulawa uma yona seyishonile ngoba yayibhale incwadi (esesithombeni), ichaza ngokuthatha isinqumo sokuzibulala. 

Uthe ihlale isonto esibhedlela, yabuya yalala kanye kubo, yase iyabaleka, yashiya incwadi ebenza babe nokwesaba ngoba kabazi noma ibiyozibulala yini njengoba 

sekuphele amasonto amabili inyamalele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokudlwengula, akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUmculi ucacisa ngengoma yopete ehlukanise imibono
Next articleI-ANC KwaZulu-Natal ichitha i-ANCWL ngoDuma