Uzibangele isigcwagcwa umqeqeshi we-Pirates

920
UZIBANGELE isigcwagcwa umqeqeshi we-Orlando Pirates
ezakhe ziwashiswa ijezi yiSwallows kowama-quarter final weMTN8 ngoMgqibelo. 

SENZO SOKHELA

ITSHE limi ngothi kuJosef Zinn-bauer ongumqeqeshi we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi abaphathi bayo kabeneme ngokuphuma kwayo ekuseni kwiMTN 8 ebiyivikela.

IBucs iguqiswe yiSwallows FC ngo-2-1 kwi-quarter final yeMTN8 ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto. Amagoli okunqobe ngawo iSwallows abhajiswe enethini nguRuzaigh Gamildien kwathi eleBucs lashaywa nguKabelo Dlamini kuyiphenathi.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi zibaliwe izinsuku zikaZinnbauer njengoba abaphathi ku-khona abangeneme ngakho ngaye.

“Indlela abophele ngayo isikimu nezinguquko azenzile utshengisile ukuthi udidekile. 

“Ngendlela abaphathi abacasuke ngayo kangimboni ehlala isikhathi eside, empeleni kangimboni eqeda umzuliswano wokuqala ngapha-ndle-ke uma ezokwenza kahle emidlalweni yeligi neyeCaf. Kodwa yena abaphathi kabasamuzwa ka-hle,” kusho umthombo.

Lo mqeqeshi ekhuluma nabezi-ndaba emuva kwalo mdlalo, ukhale ngesifo sangesizini edlule athi na-manje kubukeka singakelapheki.

“ISwallows ibisicindezele sanga-kwazi ukuqhamuka nezimpendulo. Yiyona nkinga esibe nayo umdlalo usanda kuqala. Namaphutha-ke ngokunjalo, kunabantu abebenza amaphutha alimaze ikilabhu. 

“Ngesiwombe sesibili sibe ngcono sakwazi nokwakha amathuba.

“Engingakusho nje wukuthi sibe neshwa kulo mdlalo, ngesinye isi-khathi uyayidinga inhlanhla enca-ne. 

“Siyeke amathuba alula kodwa-ke yisifo sethu sangesizini edlule, kubukeka sibuya naso nangale sizini. Kodwa-ke isikhathi sisenaso kuzofanele sizame ukulungisa amaphutha,” kusho uZinnbauer.

Previous articleUphokophele kude umdweni wezithombe
Next articleUthi akasalali owebelwe usana olunosuku luzelwe