PHUMLANI GAMA
KUVELA eyokuthi uluthe amaphoyisa ngokuthi kunabantu abamjahayo owesilisa ongaziwa, odutshulwe wafa esiteshini samaphoyisa saseRichmond ngoMgqibelo, emuva kokwephuca iphoyisa lesifazane isibhamu maqede wadubula walimaza ngaso amaphoyisa amathathu.
Umufi ongaziwa, kuthiwa ufike esiteshini samaphoyisa engumuntu odinga usizo oluphuthumayo, okuthe uma enikwa ithuba lokuchaza, watshela iphoyisa ebelisiza umphakathi ukuthi udinga usizo lwamaphoyisa ngoba kunabantu abamhubhayo futhi kunempahla okufanele ayoyilanda ndawana thile. Ucele iphoyisa lesifazane ebelisiza umphakathi ukuba limfonise ngoba ubefuna ukuxhumana nonina.
Uyalelwe ukuba ahlale kulayini njengoba bekunamalungu omphakathi awu-5 abeyofuna usizo abengaphambili kwakhe. Kuthiwa umufi unyonyobile, wabonakala esengaphakathi eshaji-ofisi, kwathi uma iphoyisa lesifazane limtshela ukuthi kakufanele angene ngaphakathi, walibamba, walephuca isibhamu somsebenzi.
LESI sithombe siwumfanekiso wokwenzekile ngesikhathi iphoyisa lephucwa isibhamu.
Ngesikhathi ebangisana nalo ngesibhamu, kudubuleke engalweni iphoyisa lesifazane. Kusize ukufika kwelinye lazama ukulamula kwasho ukuthi umufi ubengasalawuleki. Iphoyisa lesithathu eliqhamuke ngemuva kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu, lifike ladubula libhekise kumufi, waphelela endaweni yesigameko.
Kuphoqeleke ukuba sivalwe isiteshi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, uthe ngesikhathi umufi nephoyisa lesifazane bebangisana ngesibhamu – ebesesingakuyena umufi – uthe kungcono afele ezandleni zamaphoyisa kunokuba abulawe ngabantu abamfunayo.
Uthe amaphoyisa aseRichmond avule amacala amathathu okuzama ukubulala.