uzibulale nonina “obejolelwa wumkakhe”

1038

NOMFUNDO NGWANE
noNONHLAKANIPHO SHINGA

ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi esigcemeni sakwa-K, eMlazi, ngesigameko sowesilisa odubule wabulala unina emsola ngokuthi uvuna inkosikazi yakhe abeyisola ngokuthi iyajola, maqede wazidubula naye wafa.

Kusenzima ukuba ukholwe umndeni wakwaCele namalungu omphakathi wakule ndawo ngalesi sehlakalo esinyantisa igazi esenziwe yindodana yawo, uMnu Mbuso Cele (34), obehlala eDassenhoek, odubule wabulala unina, uNkk Bafunani Norah Cele (73), ngeSonto ekuseni. 

Ubemsola ngokuthi uhlangene nomkakhe, uNkk Zanele Cele (35), uyamvuna ekubeni emsola ngokuthi uyamjolela. 

Kuthiwa uqale ngokudubula inkosikazi yakhe, esindile kulesi sigameko, wabe esesibhekisa kunina isibhamu washonela endaweni yesigameko, maqede wazidubula naye wafa.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Cele wenze lokhu nje, ubesola unina ngokuvuna inkosikazi yakhe abeyisola ngokuthi kayiziphethe kahle, seyineshende.

Kuthiwa uMnu Cele ngaphambi kokuba agile le mihlola, ubeseke wabiza umhlangano womndeni ukuwubikela ngezinsolo abenazo zokuthi umkakhe akaziphethe kahle, useqomile. 

Kuthiwa umhlangano uphele enganeme njengoba umndeni ubukhombisa ukuthi uvuna inkosikazi. 

Kuthiwa laba abaganene besebehlala ngokwahlukana.

Kuthiwa ngeSonto usuke emzini wakhe eDassenhoek wayothatha umkakhe bengabantu abayokhuluma kubo, kulungiswe inkinga yabo. 

Kuthiwa ufike kubo kukhona abafana ababili nonina, waqala ngokubathuma esitolo (abafana) okuthe uma sebehambile wadonsa isibhamu wasibhekisa kumkakhe emsola ngokuthi useqomile.

Kubikwa ukuthi unina uzame ukungenelela, ekhuza indodana yakhe ukuba ingayidubuli inkosikazi yayo. 

Kuthiwa uthathe isibhamu wasibhekisa ngakunina emsola ngokuthi uhlangene nomkakhe, bamenza isilima, umvumela ukuba amjolele. ILANGA lithole ukuthi uqede ukwenza lokhu wabe esengena emotweni waqonda KwaMakhutha lapho efike wazidubulela khona.

Isidumbu sakhe sitholakale emotweni yakhe sinenxeba lokudutshulwa ekhanda. 

ILANGA lithole ukuthi inkosikazi kamufi iphuthunyiswe esibhedlela idubuleke emilenzeni. 

ILANGA lithole ukuthi lesi sigameko senzeke kubo kaLindo Cele, obengumculi obesafufusa esisanda kubika ngodaba lwakhe olwenzeke ngoNhlolanja (February), owagwazwa wabulawa ngowesilisa emsola ngokuthi umdlwengulile. 

Udaba lokubulawa kukaLindo lwaba sematheni njengoba umbulali wamsola ngokuthi umfakele okuthile esiphuzweni sakhe wabe esemdlwengula.

ILANGA lithinta uNkz Nombuso Cele, oyilungu lalo mndeni, unele wezwa ukuthi ukhuluma ne-
LANGA wathukuthela wagana unwabu, wathi: “ILANGA kangilithandi, nabhala udaba olungamanga ngoLindo. 

“Ngiyaxolisa ngeke ngininike lolu daba.” 

Usho kanje maqede wavala ucingo.

ILANGA lishayele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, osiqinisekisile lesi sigameko. 

Uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Bekungakaboshwa muntu.

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUCELA KUNIKWE IZINTOMBI NTO ITHUBA LOKUKHULEKELA I-COVID19
Next articleKUSOLWA EYOMNDENI KUBULAWA OWESILISA EHAMBA NOMKAKHE