NOMFUNDO NGWANE
noSIKHOSIPHI MTHEMBU
KUSENZIMA ukukhuluma emalungeni omndeni wakwaNdlovu, eSt Simon, eNquthu, okuthiwa indodana yawo yathola umlayezo kuWhatsApp ngeSonto lomhla ka-2 kuNtulikazi (July) owawuveza ukuthi ingoduso yayo isiqomile, yazidubula yafa isekhweni kuyoxoxwa lolu daba ngeledlule.
UMnu Dumisani Ndlovu (34), ILANGA elithole ukuthi ubeshayela amatekisi, ubehlala kubo nengoduso yakhe anezingane ezimbili nayo kanti kwenzeka lokhu nje, ubesanda kuqeda ukuyifundisa ingoduso yakhe enyuvesi, ifundela ubuthishela.
Kuthiwa besekungokwesibili uMnu Ndlovu ebamba ingoduso yakhe ukuthi iqomile. Udadewabo kamufi, uNkz Makhosi Ndlovu, utshele ILANGA ukuthi ibuhlungu indlela umfowabo okungukuphela kwakhe ashone ngayo.
Uthi ngemuva kokuyibamba ukuthi isiqomile, baxabanile waze wayibeka isandla.
“Ngalo usuku ayibamba ngalo, wayiqhuba wayiyisa kulona isoka layo, lavuma ngobudlewano babo, umfowethu wabe eseyishiya nalo. Ingoduso yasuka lapho yabuyela kubo, yashiya izingane zayo ekhaya.
“NgoLwesibili umfowethu wathola ucingo luphuma ekhweni lakhe bembizela ukuba kuyokhulunywa indaba yakhe nengoduso yakhe. Sathola ukuthi kabazwananga ngesikhathi bexoxa, wabe esephuma ekhweni lakhe wazidubula ngaphandle komuzi wakhona,” kusho uNkz Ndlovu.
Utshele ILANGA ukuthi umfowabo ubeyenzela konke ingoduso yakhe, waqala ukuthandana nayo isafunda isikole, eyikhokhela esikoleni okuthe uma isiqede umatikuletsheni, wayifundisa enyuvesi.
Uthi umfowabo uzibulala nje, ingoduso bekulindeleke ukuba igqoke ijazi kwabamba ukuvalwa kwezwe ngenxa yokubhebhetheka kwe-Coronavirus.
“Ibuhlungu indlela umfowethu ashone ngayo ngoba ubemthanda unina wezingane zakhe futhi ezimisele ngokuthi baphumelele empilweni. Ubezama ngakho konke okusemandleni akhe ukuthi ingasweli lutho,” kusho uNkz Ndlovu.
Imizamo yokuthola ingoduso iphunzile njengoba ucingo lwayo belungangeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngokushona kowesilisa.
nomfundo@ilanganews.co.za
skhom@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za