Kuthiwa ubecwaswa ngozakwabo nothisha
PHUMLANI GAMA
UHLULEKILE wukubekezelela ukucwaswa ngoza-kwabo esikoleni nothisha bakhe, umfundi waseSonyongwana High School, eSibhizane, eCreighton ngaphansi kukaMasipala, iDr Nkosazane Dlamini Zuma waphetha ngokuthatha impilo yakhe ngokuzilengisa ngoLwesihlanu ntambama. ILANGA lithole ukuthi u-Andiswa Chiya (17), obefunda uGrade 9 kulesi sikole, ushiye incwadi ngesinqumo sakhe, ngoba ethi ubesekhathele wukuchwenswa esikoleni, kuthiwa mubi. Isidumbu sakhe sitholwe ngamalungu omndeni wakhe silenga esihlahleni esibude buduze negceke lakubo. Encwadini ebhalwe yilo mfundi, kuthiwa uveze ukuthi ubehlala etshelwa ngozakwabo ukuthi mubi. Ikhansela lendawo, uMnu Mthokozisi Dlamini, lithe udaba lokudlula emhlabeni kwalo mfundi lushaqise abaningi emphakathini.
“Encwadini engifike ngayifunda nami njengomholi womphakathi, ingane ikhale ngokuthi iyehluleka wukuqhubeka nokuphila, iphilela ukuhlala icwaswa ngabanye abafundi. Ibalule ukuthi ibitshelwa ukuthi yimbi, lokhu bekwenziwa ngisho nangothisha. “Ithe ibibizelwa phambili, ibuzwe ukuthi yintombazane enjani lena embi ngalolu hlobo. Yinto engalungile le ngoba sonke siyizidalwa zikaNkulunkulu. Sesixhumane nezinhlaka okufanele zihambele lesi sikole ngoMsombuluko ukuze kuzokwelulekwa abafundi ngokomqondo. “Nabo othisha bayakudinga ukwelulekwa ngokomqondo ngoba yizinsolo ezibucayi lezi ababhekene nazo. Okukhathazayo wukuthi le ngane izalwa emndenini ongenalutho, okunzima ukuthi ukwazi nokuhlangabezana nezindleko zokufihla.
“Lesi yisimo okufanele sizame ukusiqeda singabaholi bomphakathi,” kusho uMnu Dlamini. ILANGA lizame kaningi ukuxhumana noNkk Nobuhle Njilo ongusihlalo wesigungu esilawula lesi sikole. Ucingo lwakhe belungangeni. Nasemndenini kube yisimo esifanayo, ucingo belukhala lungabanjwa. Uthishanhloko egcine ingatholakalanga imininingwane yakhe, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe ngeke akwazi ukwenaba ngaso ngenxa yokuthi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba. ILANGA lixhumane noMnu Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, oveze ukuthi bawutholile umbiko ngalesi sigameko. Uthe kuzoqalwa uphenyo olunzulu ngalezi zinsolo. Uveze nokuthi ngemuva kophenyo kuzothathwa izinyathelo ezinqala.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini womfundi, siyakuqonda ukuthi akekho umuntu okufanele alahlekelwe wumphefumulo kuqala unyaka nje. “Ingane iyisipho esivela kuNkulunkulu. Siyazibuza-ke ukuthi bavelaphi laba abasahlukumeza abantu, ikakhulukazi izingane ngezici zemizimba yazo. “Sonke sinezici emizimbeni yethu futhi abantu bayazibona, nathi siyazazi, kodwa kasithandi ukuthi sitshelwe ngabanye ngazo, ngoba lokho kusilahlekisela ngokuzethemba. Akekho umuntu okufanele agcone omunye umuntu ngesici sakhe. “Siyasigxeka lesi simo ngoba mi-nyaka yonke, nsuku zonke, sihlala sikhuluma, sixwayisa ngobungozi bokucwasana ngezici. Le nto ifana nokuthi uhlangane nomuntu ahleke, usala unombuzo wokuthi yini lena ayibonayo. “Kunomehluko phakathi kokuhlekisa nokuhleka. Wudaba olushaqisayo lolu. Abazali kufanele bakhuze izingane emakhaya. Eyezisebenzi zethu kangifuni nokuyiphatha ngoba umthetho ziwazi kahle,” kusho uMnu Mahlambi. phumlani@ilanganews.co.za