Uzilengisile uthisha “obecasulwa” wukuyiswa kwesinye isikole

818

SKHOSIPHI MTHEMBU 

KUSOLWA ukuthi ucasulwe wukususwa esikoleni abefundisa kuso uthisha otholwe  ngoLwesithathu ezilengise esihlahleni, emqashweni abehlala kuwona eNdwedwe. Kuthiwa bekusaphele isonto uMnu Thubelihle Dladla (33) (isithombe) esusiwe eMashiyamahle Secondary School, wafakwa eMandlamhlophe Primary, khona eNdwendwe. 

Ngokuthola kweLANGALempelasonto, uDladla ubebalisa kwabasondelene nomndenini wakhe, ethi kakulandelwanga imogomo efanele esuswa eMashiyamahle. Kuthiwa ubeke washo ukuthi usecabanga ngisho ukuzibulala. 

Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi esikoleni, uthe: “Uke wakuveza kwabanye ozakwethu ukuthi imphathe kabi indlela akhishwe ngayo esikoleni, kanti iyamhlupha njalo uma eyicabanga. Ubeveza ukuthi kokunye uze acabanga ngokuqeda ngempilo yakhe ukuze ezophumula kule ngcindezi abhekene nayo. Besinganakile ukuthi lokhu akushoyo engagcina ekwenze ngempela,” kusho umthombo.

UMnu Bonokwakhe Dladla, onguyise kamufi, ukuqinisekisile ukuthi indodana yakhe izilengise ikhala ngokususwa kwayo
eMashiyamahle. “Ubethatha ngokuthi uxoshiwe kulesi sikole, lokho bekumdalela ingcindezi. Uke wakuveza phambilini ukuthi uthishanhloko wakulesi sikole asuswe kusona kabazwani, uyamzonda. Nami ngike ngaba nemihlangano naye uthishanhloko, waveza ukuthi ibe namaphutha amaningi ebiwenza esikoleni indodana yami. Yebo ibenawo amaphutha, njengomuntu obesamncane, ikakhulu ukuphuza utshwala,” kusho yena. 

Ethintwa uMnu Bheka Ngwane, onguthishanhloko waseMashiyamahle, uvumile ukuthi umufi ubefundisa kulesi sikole, kodwa-ke wathi mayelana nemininingwane yokususwa kwakhe, ucela ukuba kuthintwe umnyango, ngoba yena akavumelekile ukukhuluma nabezindaba ngento ethinta umsebenzi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe kuyakhathaza ukudlula emhlabeni kukathisha ngale ndlela. Uthe bazolulandelela lolu udaba ukuthola imbangela eholele ekuzibulaleni kukalo thisha. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu, wathi uphenyo lusaqhubeka.

Previous articleOkamaskandi ukhalele iqiniso kugxekwa “umyalezo” wakhe kwiMpucuzeko
Next articleBazimisele ukwenza lukhulu nge-basketball yezikole