UZimdollar ubizelwe enkantolo “ngokutholakala” nezinhlokohlela zezibhamu 

616

LUCKY CAIN 

UZOBHEKANA namacala abucayi, amayelana nokutholakala kwezibhamu nempahla eyebiwe emzini wakhe umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, njengoba ngeledlule ethunyelelwe amasamanisi ambizela enkantolo ngenyanga ezayo. 

UZimdollar usematheni kulezi zinsuku emuva kwenkulumo yakhe emsakazweni, egxeka ukusebenza kwamaphoyisa
ophiko iNational Intervention Unit (NIU).  

ILANGALempelasonto lithole ukuthi lo msakazi usethunyelelwe amasamanisi ngala macala, kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseShowe mhla ka-12 kuZibandlela (December). 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi umsakazi wesiteshi esingaphansi kweSABC, ubizelwe enkantolo. 

Uthe ngoLwezi (November) 2020, amaphoyisa agasela emzini wakhe oseShowe, athola izinhlokohlela zezibhamu, okubalwa kuzo ne-AK47, nezinhlamvu. 

Uveze nokuthi kwatholakala nenjini yemoto enezinombolo ezixikiziwe, okusolakala ukuthi yayebiwe. 

“Uphenyo lwathola ukuthi izibhamu zohlobo lwe-22 ne-303, (ezatholwa emzini kaZimdollar) zantshontshwa emzini othile oseRichmond ngo-2016,” esho. 

Uthe umsolwa ubhekene namacala okutholwa kwezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nempahla eyebiwe. 

UZimdollar uvumile ukuthi uwatholile amasamanisi ambizela  enkantolo. 

Uthe ngokwazi kwakhe, la masamanisi kawasho ukuthi uyaboshwa, kodwa ubizelwa ukuyochaza ngakakwaziyo. 

Uvumile ukuthi umuzi oseShowe ngowakhe, kodwa wathi akahlali kuwona. Uthe wawuhlala umfowabo owashona, yena uhlala eThekwini. 

Utshele leli phephandaba ukuthi uyazi ukuthi abantu bazocabanga ukuthi ku-khona akubangayo namaphoyisa, kodwa uyakuqonda ukuthi impi abhekene nayo ngeyomfowabo osembonini yamatekisi. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleOwezemfundo KwaZulu-Natal uveza eyezinhlelo zokubhekana nezinkinga zothisha
Next articleUsizi luzwa olunye kumfowabo kaZimdollar osekubhaceni