UZimdollar uxolisa ngokubiza amaphoyisa “ngababulali”

812

LUCKY CAIN 

UFONGQE isigqoko, waxolisa umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele, ngenkulumo ayisho emsakazweni ekhala ngesenzo samaphoyisa eNational Intervention Unit (NIU). 

UZimdollar ube nengxoxo ekhethekile neLANGA ngeSonto emuva kokuba uCele ekhwele wadilika kuyena enkonzweni yomngcwabo wephoyisa leNIU, uWarrant Officer Sithembiso Mazibuko, eladutshulwa labulawa eNtuzuma, esigamekweni okwafa kusona nabasolwa abane. 

Lo msakazi uthe uyaxolisa ngenkulumo yakhe, ayekusho kwakungekhona ukuthi ukhulumela noma uvikela izigebengu, kodwa wayekhulunyiswa wubuhlungu bokushonelwa ngabafowabo abadutshulwa
ngamaphoyisa okuthiwa ngawalolu phiko. 

UZimdollar wagxeka abeNIU ngemuva kokuvela kwezindaba zokubulawa kukaMnu Nkululeko Mkhize. 

Uthe inkulumo yakhe yayingahlangene nokwenzeka kuleya nkinsela, kodwa ukufa kwayo kwavusa ubuhlungu ayenabo ngabafowabo, nabo abadutshulwa babulawa, kodwa njengomndeni bangayithola incazelo ngembangela yokudutshulwa kwabo. 

“Iphutha lami kwaba wukubhodla, ngizwakalise ubuhlungu bami emoyeni. Ngangingaqondile neze ukuhlohla izigebengu ukuba zihlasele amaphoyisa njengoba ungqongqoshe esho,” kusho lo msakazi. Ukhale ngokuthi inkulumo kaCele kulo mngcwabo kayehlanga kahle njengoba ibeka impilo yakhe engcupheni. 

“Kuyakhathaza ukuthi ungqongqoshe akhulume kanjena emngcwabeni wephoyisa elife kabuhlungu phambi kozakwabo namalungu omndeni walo. 

“Ngokukhuluma kwakhe, usho ukuthi leli phoyisa libulawe ngenxa yami, okuyinto engabeka nempilo yami engcupheni,” esho. 

Uthe ngokwakhe, wayezitshela ukuthi ngemuva kokuxolisa kweSABC emoyeni nokunikezwa kwamaphoyisa ithuba lokuziphendulela ngalolu daba, lwase
ludlulile. 

“Ngiyabona ukuthi uCele usakubambile engakusho, ngakho ngithanda ukuzehlisa, ngokukhulu ukuzithoba, ngixolise kuyena nakwamanye amaphoyisa athinteka ngale nkulumo. 

“Namanje ngisasho, ngangingalwi nokusebenza kwamaphoyisa, kodwa ngangiveza ubuhlungu enginabo nomndeni wami,” kusho yena.

Uthe yena nomndeni wakhe bayakwemukela okuphinde kwavezwa nguCele kulo mngcwabo, lapho ethe usazobachazela ukuthi abafowabo babenzeni. 

“Siwumndeni siyolijabulela lelo thuba lokuchazelwa ukuthi babenzeni. 

“Ngalokho, kasisho ukuthi siyabavikela kodwa kungasithokozisa ukuthola ulwazi ngoba thina njengomndeni sasingabazeli lutho,” kusho lo msakazi othi kwadutshulwa kwabulawa abafowabo ababili nezihlobo zakhe ezintathu kulesi sigameko.  

Previous article“Uzishise” wafa okuthiwa uhluleke ukuzibulala ngokuzilengisa
Next article“Ufakwe amasondo” obeyisikhulu seNsfas