UZimdollar uxolisangokubiza ‘amaphoyisa ngababulali’

113

Uzicelela intethelelo kungqongqoshe wawo okhwele wadilika kulo msakazi woKhozi FM

KWESOBUNXELE nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele okhwele wadilika kumsakazi woKhozi FM, uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela,
okwesokudla, izolo ngeSonto enkonzweni yomngcwabo wephoyisa elidutshulwe labulawa ngeledlule eNtuzuma.

LUCKY CAIN
UFONGQE isigqoko, waxolisa umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele, ngenkulumo ayisho emsakazweni lapho ayekhala khona ngesenzo samaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU). UZimdollar ube nengxoxo ekhethekile neLANGA izolo ngeSonto ngemuva kokuba uCele ekhwele wadilika kuyena enkonzweni yomngcwabo wephoyisa lalolu phiko, uWarrant Officer Sithembiso Mazibuko, owadutshulwa wabulawa eNtuzuma, esigamekweni okwafa kusona nabasolwa abane. Lo msakazi uthe uyaxolisa ngenkulumo yakhe, ayekusho kwakungekhona ukuthi ukhulumela noma uvikela izigebengu, kodwa wayekhulunyiswa wubuhlungu bokushonelwa ngabafowabo abadutshulwa ngamaphoyisa okuthiwa ngawalolu phiko.

Uthe ngokwakhe wayezitshela ukuthi ngemuva kokuxolisa kweSABC emoyeni nokunikezwa kwamaphoyisa ithuba lokuziphendulela ngalolu daba, lwase ludlulile. “Ngiyabona ukuthi uCele usakubambile engakusho, ngakho ngithanda ukuzehlisa, ngokukhulu ukuzithoba, ngixolise kuyena nakwamanye amaphoyisa athinteka ngale nkulumo. “Namanje ngisasho, ngangingalwi nokusebenza kwamaphoyisa, kodwa ngangiveza ubuhlungu enginabo nomndeni wami.” Uthe yena nomndeni wakhe bayakwemukela okuphinde kwavezwa nguCele kulo mngcwabo, lapho ethe usazobachazela ukuthi abafowabo babenzeni. “Siwumndeni siyolijabulela lelo thuba lokuthi sichazelwe ngempela ukuthi babenzeni. “Ngalokhu kasisho ukuthi siyabavikela kodwa kungasithokozisa ukuthola ulwazi ngoba thina njengomndeni sasingabazeli lutho,” kusho lo msakazi othi kwadutshulwa kwabulawa abafowabo ababili nezihlobo zakhe ezintathu kulesi sigameko.


LUCKY CAIN
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ukhwele wadilika kumsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela izolo nge- Sonto enkonzweni yomngcwabo wephoyisa elidutshulwe labulawa ngeledlule eNtuzuma, uWarrant Officer Sithembiso Mazibuko. Inkonzo yomngcwabo kaMazibuko ebiKwaMashu, beyihanjelwe nguCele, yizikhulu zamaphoyisa nozakwabo bakamufi abangamalungu ophiko iNational Intervention Unit (NIU), namalungu omphakathi. Ekhuluma kule nkonzo uCele, ukhwele wadilika kuZimdollar ngenkulumo ayenza emoyeni egxeka lolu phiko, elusola ngokuba ngaphezulu kwengalo yomthetho nokwesatshwa kwalo.


Lo msakazi waba sematheni ngale nkulumo ayenza ngemuva kokuba lolu phiko ludubule lwabulala uMnu Nkululeko Mkhize waseRichards Bay emzini ayewuqashile osendaweni yezimpunyela eZimbali Estate, eBallito. Kwabikwa ukuthi kwaba nokudubulana okwenzeka phakathi kukaMkhize namaphoyisa bagcina besale enkundleni yena nonogada wakhe. Ngemuva kwalesi sigameko, uZimdollar, ohlelweni lwakhe lwasemini kulo msakazo alwenza ngokubambisana noKing Sifiso, olubizwa ngeDankie 12-to-3, wagxeka amaphoyisa. UCele, ekhuluma emngcwabeni kaMazibuko, uthe kunentombazane okuthiwa nguZimdollar eyahamba “yayokhonkotha” emsakazweni. “Wakhonkotha izinto azithandayo, wathi yena wafelwa ngabafowabo. Akachazanga ukuthi bafa kanjani bebulawa ngamaphoyisa.


“Wathi iNIU iyesatshwa, esho nina, uma kufika yona abantu bayayesaba,” kusho uCele. Uthe njengoba lo msakazi ayegxeka ukusebenza kweNIU, makajabule ngokuthi sekubulewe uWarrant Officer Mazibuko, ebulawa yizigebengu, esemsebenzini. Uqhube wathi akakezwa ukuthi iSABC ithini ngenkulumo yalo msakazi njengohlaka lombuso. “Akachazanga ukuthi abafowabo benzani. Sizonichazela ngelinye ilanga. Makangasebenzisi umsakazo ukuvikela izigebengu. “Makangasebenzisi umsakazo ukuba ngumkhulumeli wezigebengu.” Kulesi sigameko okwadutshulwa kusona uWarrant Officer Mazibuko, kwaphinde kwafa nabasolwa abane okungababili besifazane nababili besilisa. Kubikwa ukuthi amaphoyisa alolu phiko alunywa indlebe ngezigilamkhuba ezazihlukumeza umphakathi, zibamba inkunzi zigqekeza nemizi yabantu.


Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini okwakukhona kuwona abasolwa, abingelelwa ngezulu lezandla. UCele unxuse amaphoyisa ukuba aqinisekise ukuthi izigilamkhuba kazikutholi ukuphumula. Uwanxuse ngokuthi angesabi ukusebenzisa izinsiza zawo ukulwa nobugebengu. Okhulumela iSABC, uNkz Mmoni Seapolelo, uthe bayaludingida lolu daba nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. Uphinde wadlulisa ukuxolisa ngenkulumo kaZimdollar.

Previous articleIMEYA YETHEMBISA UKUKHUCULULA ITHEKU
Next articleImeya ikhale “ngaMadelangokubona” yethula iphrojekthi yamanzi