U-Ayanda Ncwane uzophatha umcimbi i-Africa Choice Awards
JOHN HLONGWA
UZIBONA eqophe omkhulu umlando u-Ayanda Ncwane ngokuba ngowokuqala eNingizimu Afrika ukuyophatha uhlelo lomcimbi wezindondo, i Africa Choice Awards okulindeleke ube seLagos, eNigeria ngeSonto. Kulo mcimbi kusuke kuklonyeliswa abenze kahle kwezikaqesidizungu, ingqephu nasemkhakheni wezobuciko. Ekhu luma ne-LANGA u-Ayanda, uthe uzizwa ethobekile ngokuthola leli thuba. “Ngaphezu kokuthola ithuba lokuyokwethula izindondo kulo mcimbi, ngibonga ukuthi ubuhlakani nendlela engenza ngayo izinto kuyabonakala. Ngizimisele ngokufike ngimele izwe lami ngiphinde ngiveze isiko lethu ngendlela engizobe ngigqoke ngayo.
Ngale kokujabulisa abantu, kodwa nokwenza kahle izinto yikhona okusenza sibe yile nto esiyiyona,” kusho u-Ayanda owayegane umculi we gospel ongasekho, uSifiso Ncwane. Kulindeleke afulathele elakuleli namhlanje ngoLwesine. Kuhlelwe ukuthi u-Ayanda abambisane nomlingisi waseGhana, u-Eddie Watson uma sebethula izindondo. Ngaphandle kuka-Ayanda, abanye osaziwayo okulindeleke ukuba baphephezelise ifulegi laseNingizimu Afrika kulo mcimbi, ngumakadebona kwezokulingisa, uConnie Ferguson; umculi ongumlingisi uThembi Seete oqokwe emunxeni womlingisikazi wamafilimu ohambe phambili ngo-2022; umsiki wengqephu uPhupho Gumede.
umlingisi uLoyiso McDonald obedlala indawo kaKagiso kwiThe Queen ephelayo kusasa kuMzansi Magic; usaziwayo kamabonakude, uHulisani Ravele; umlingisikazi uZenande Mfenyana owaduma edlala indawo kaNoluntu kwiGenerations endala; umethuli wezinhlelo u-Andile Ncube; usaziwayo kwezikamabonakude uBoity Thulo no-Shauwn Mkhize ongumnikazi wekilabhu kanobhutshuzwayo, iRoyal AM ukubala abambalwa. UBoity noShauwn baqokwe emunxeni wosomabhizinisi abavelele. UThembi uchaze ukuqokwa kwakhe njengento enkulu kanti uConnie ekhasini lakhe le-Instagram ubhale ukuthi uzizwa ethobekile ngokuqokwa. Uqhube wathi ukuqokwa phakathi kwezintokazi ezigila izimanga e-Afrika, kumenza azizwe ebalulekile. I-Africa Choice Awards yethulwa mhla ka-8 kuZibandlela (December) eLagos.