Uzimisele ngokuzikhandla uSlenda

1078

SANDILE MAKHOBA

UTHI usaya kude nekhono lakhe uSlenda The Dancing DJ

LINCOMA ukwesekana emacikweni aseLamontville iciko lakuleli lokishi okumanje liklwebha amapuleti ohlelweni oluthi, “Faka Umoya” ku-Okhozini FM. 

USthabile “Slenda the dancing DJ” Zungu, wodumo lokudansela uDJ Tira, uthi kumsizile ukuvalwa kwemicimbi ngenhloso yokukhalima iCoronavirus ngoba uthole isikhathi sokufunda ukuklwebha amapuleti, efundiswa e-Afrotainment kaTira, kanti uthi kumanje uhlela ukuvula isikole somdanso ngakubo eLamontville. 

Lo DJ wafika endimeni yezikaqedisizungu edansela uTipcee (Precious Ndaba), wakhula wayodansela uTira njengoba manje esenguDJ. Uthi abalandeli bakhe bomdanso mabangakhathazeki njengoba esengu-DJ,  usazodansa kakhulu. 

“Kuyimanje ngimatasa ngifuna uma kuvulwa izwe abantu ngibanikeze into entsha. Lapho ngibala wona umdanso nomculo,” Kusho le ntokazi ethi kuyimanje imatasa ihlanganisa i-albhamu yayo ezophuma kuwona lo nyaka, ikhishwa khona e-Afrotainment. 

Ithi umculo wayo uhluke kakhulu kunalokho abantu abakulindele. 

“Nginabantu abaningi asebebukela kimina, ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngiqhamuke nento entsha ngaso sonke isikhathi,” kusho yena. Uzishaya isifuba ngokuba owaseLamontville. 

“ILamontville yilokishi elincane, kodwa abantu bakhona kabanawo umona bayasekana. Sonke thina esenza izinto khona siyasekana, lapho ngibala uBabes Wodumo, uTukzin, u-Asavela Mngqithi (wodumo luka-Enhle kwi-Isibaya),” kusho uSlenda. 

Ephawula ngokuthola kwakhe ithuba ku-Okhozni FM, uthe: “Kwangithusa kwakhona ukuthi ngifika nje kule ndima sengilandwa yisiteshi esikhulu kangaka, lokho kusho lukhulu kumina.”

 Uthi ukusebenza kakhulu noDJ Tira kumqeqeshe ezintweni eziningi, njengokugcina isikhathi, wukuhlonipha amakhasimende nawo umsebenzi. 

“Ngonyaka ozayo ngizoqala isikole somdanso eLamontville engizobe ngiqeqesha kuso izingane ezincane ezinesifiso sokudansa. 

“Ngisemncane kule ndima, kumele amandla ami wonke ngiwanikele emsebenzini ukuze nalabo abangisizayo bangadikibali‚” kusho lo DJ. 

Previous articleIgcine ibuyile imiphumela kaMadisha
Next articleUKhoza udalula ingwadla kwiPSL