Uzinikele emaphoyiseni ‘oklinye wabulala unina wezingane zakhe’

534

Kuthiwa ulale nesidumbu ubusuku bonke, wavuka wabikela unina ngasekwenzile

LAPHA nguNobuhle Ngiba (24), wathathwa emi nomsolwa uMnu Mthobisi Zikalala (23) onguyise wezingane zakhe ozinikele emaphoyiseni

SKHOSIPHI MTHEMBU

USIZI luzwe olunye emndenini wakwaNgiba, eMthwalume, kulandela ukubulawa ngesihluku kwendodakazi yakhona okusolwa ukuthi iklinywe yabulawa nguyise wezingane zayo, qede walala nesidumbu endlini ubusuku bonke. Kusenzima ukwamukela isimo emndenini kaNkz Nobuhle Ngiba (24), obulawe ngesihluku obesehlukene noyise wezingane zakhe uMnu Mthobisi Zikalala (23). Umndeni uthi kwenzeka lokhu nje ubusazikhotha amanxeba ngesigameko sokubulawa kwenye indodakazi yawo uNkz Neliswa Dube, ongomunye wabesifazane ababulawa ngumalugaju eMthwalume, ngo 2020.


Umndeni ususola ukuthi kukhona okungahambi kahle, njengoba amadodakazi akhona edlula emhlabeni ngesandla somuntu wesilisa. ILANGA lithole ukuthi umsolwa washayela umufi ucingo, wamthumelela nomqhafazo ecela ukumbona. Kuthiwa wamthatha wahamba naye baya endlini yakhe wamklinyela khona, qede wasonga isidumbu sakhe ngengubo yokulala walala naso endlini wavuka ngakusasa wabikela unina ngasekwenzile. Uqede ukubikela umndeni wazinikela emaphoyiseni, zamkhalela. UMnu Siyanda Dube ongumzala kamufi, uthi bese kunesikhathi umndeni ukhuza umufi ngomsolwa kwagcina ngokuthi bahlukane ngenxa yokuthi ubemshaya. Uthi ngelanga ambulale ngalo, wayengafuni ukuya kuyena.


ILANGA lihambele lo mndeni ngoLwesihlanu, lithole ukuthi umufi nomsolwa banezingane ezimbili eneminyaka ewu-4 neneminyaka
ewu 2. UNobuhle simgcine ngoLwesibili ezoya ematohweni akhe. Uhambe wangabuya ntambama kanti kuthe ngakusasa, savuka nonina
siya ezitolo siyomthengela okokwembatha ngoba wayekhale ngokuthi akanakho. “Sithe sifika edolobheni, sabhazwa wucingo lwakhe uNobuhle. Sithe uma sibuyela kulona lwaphendulwa ngugogo wezingane zakhe wasitshela ukuthi masiphuthume kwakhe khona okubi okwehlele uNobuhle.


“Siphuthume khona safika sekugcwele abantu. Ngingene endlini ngafika isidumbu sakhe sisongwe ngengubo yokulala. Ubebonakala ukuthi usenesikhathi eshonile ngoba ubebanda futhi umzimba wakhe uqinile. Entanyeni ubenomaka sengathi khona abeklinywa ngakho. “Sisamangazwe yilokho, kungene umsolwa ehamba namaphoyisa ezowakhombisa into aseyenzile,” kusho yena. Uthi bathathe umakhalekhukhwini kamufi, okulapho bebone khona ukuthi umsolwa kade eqalile encenga umufi efuna ukumbona. “Siyasola ukuthi umphoqile ukuba baye endlini yakhe ngoba umqhafazo abewubhalile uthe ufuna ukumbona okokugcina.


UNobuhle ushiye izingane ezimbili ezakhe umsolwa. Le nto yenzeke singakapholi amanxeba emuva kokubulawa ngesihluku kukaNeliswa, owabulawa ngumalugaju wamlahla esimobeni,” esho. Okhulumela amaphoyisa Kwa- Zulu-Natal Const Thenjiswa Ngcobo, uthe ukhona umsolwa oboshiwe oneminyaka ewu-23 ngecala lokubulala, uvelile enkantolo kulindeleke ukuthi aphinde avele maduze.
skhom@ilanganews.co.za

Previous article‘Ibingenaso isipiliyoni samaloli amabanga amade indodana’
Next articleUngcwatshwe ngosuku abezoshada