INTATHELI YELANGA
UZINIKELE emaphoyiseni uXolani Khumalo, owethula uhlelo olubophisa abadayisa izidakamizwa, oluthi Sizokuthola – oludlala kuMoja Love (channel 157) – emuva kokuvulelwa icala lokubulala. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNtulikazi (July), kwavela ukuthi uKhumalo usolwa ngokuthi wayengomunye wababeqopha isigaba salolu hlelo, lapho kwashaywa khona kwalinyazwa owayesolwa ngezidakamizwa. Umshaywa waphuthunyiswa esibhedlela, nokho kwagcina kumenele. Ngaleso sikhathi, abeMoja Love, baqinisekisa ukuthi bazwile ngalezi zinsolo, bathi bazosebenzisana nabomthetho.
Inhlangano kaKhumalo engayenzi inzuzo, iXolani Khumalo Foundation, iqinisekisile ukuthi uzinikele esiteshini samaphoyisa esiseKatlehong, eGoli, namhlanje ekuseni.
“Utshelwe ukuthi makazinikele emaphoyiseni ngoba usolwa ngecala lokubulawa kukaMnu Rovert “Kicks” Varrie, owalimala ngesikhathi beqopha, wagcina ephuthunyiswe esibhedlela iThelle Mogoerane, eVosloorus,” kusho le nhlangano.
Okhulumela amaphoyisa, uLt. Colonel Mavela Masondo, uqunisekisile ukuvulwa kwecala lokubulala.