NONHLAKANIPHO SHINGA
LIBHOKE ezweni lonke idimoni lokuhlaselwa kubulawe abesifa-zane, njengoba umndeni wakwa-Khumalo, eMalukazi, eThekwini, ungakholwa namanje ngesihluku okubulawe ngaso indodakazi yawo, esigamekweni esenzeke ngeledlule, okusolwa kusona owesilisa onguyise wengane yayo.
Ngesikhathi izwe lonke lilila ngoMgqibelo, ngesikhathi kufihlwa u-Uyinene Mrwetyana (19) okusolwa ukuthi udlwenguliwe wabulawa ngesihluku ngowesilisa obesebenza eposini, nomndeni kaNkz Thuli Khumalo (34) (osesithombeni) ubukhihla esifanayo ngendodakazi yawo.
UNkz Khumalo kuthiwa udu-tshulwe ekhanda yilo mlisa ahlukane naye ezinyangeni eziwu-8 ezedlule ngoba ekhala ngokuthi uyamhlukumeza emuva kwalokho wamklabha ebusweni ngocelemba, wagcina ephangalele.
UNkz Zinhle Ngiba, ongomunye wabangani bakamufi, okwenzeke lesi sigameko phambi kwakhe, uthi umhlobo wakhe ufike eMalukazi ngoLwesihlanu ebusuku eye emlindelweni wowesilisa abebejwayelene naye, bengabangani. Kuthe esefikile, kwathokakala ukuthi umlindelo ungakusasa ngoMgqibelo.
“Uhlale ekhaya salala, ngoba sizitshela ukuthi sizovuka ngakusasa silungiselele ukuya lapho kushonwe khona, siyobakhalisa. Ushiye imoto yakhe eyipake komunye umuzi osezansi kwakithi ngoba kayikwazi ukungena ekhaya.
“Kuthe ebusuku sezwa ngabantu bememeza bethi imoto yakhe iyasha, savuka isigubhukane sa-yobheka ukuthi kwenzekani,” kusho uNkz Ngiba.
Uthi umufi ubehamba ngeBMW njengoba ebengumuntu ozisebe-nzayo. Ubeziphilisa ngokudayisa la mabhodwe akhonzwe ngabadla izambane likapondo.
“Sithe uma simtshela ukuthi makavuke kuthiwa imoto yakhe iyasha, waqale wasala wazimboza ngengubo, sabona ukuthi uyathuka. Siphumile saya lapho bekusha khona imoto yakhe, sekukhona nezicishamlilo. Sithe uma sesiwelile, sezwa esekhuluma ngemuva. Akuphelanga sikhathi esingakanani sezwa sekuqhuma isibhamu, sahlakazeka sabaleka,” kusho uNkz Ngiba.
Uthi bezwe ngomufi esememeza igama likamsolwa, ethi uyaxolisa ngokuhlukana naye.
“Yilapho ngizame ukusondela khona, ngoba phela ubesho igama lomuntu esimaziyo, okuthe uma ebona ukuthi ngizama ukusondela wangitshela emehlweni ukuthi uma ngike ngasondela nje ngizoyikhotha imbenge yomile,” kusho yena.
Uthi umsolwa ukhiphe amazwi athi: “Sifebe, sondela khona uzobona kahle ukuthi ngingubani”. Uthi ube esecasha, kwaphinde kwaqhuma isibhamu okwesibili. Umufi ubesaqhubeka ememeza, ekhala, ecela uxolo.
Kuthiwa ngaleso sikhathi umsolwa ubesemshaya ekhanda ngento ebingabonakali ukuthi iyini. Kuthiwa amaphoyisa athe umonakalo wenziwe wucelemba, akusona isibhamu.
Omunye wabangani bakamufi utshele ILANGA ukuthi uhlukane nomsolwa wabuyelana noyise wengane yakhe endala, abesehlala naye eVerulam ngoba ebengasafuni lutho olumhlanganisa nomsolwa.
Bathi bayasola ukuthi umsolwa ubenomona njengoba ubondliwa ngumufi ngesikhathi bethandana.
Ngokuthola kweLANGA, umsolwa uzinikele emaphoyiseni ephethe isibhamu, kodwa okungesona lesi esisetshenziswe kuhlaselwa umufi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseSiphingo ayaluphenya lolu daba.
“Umsolwa oneminyaka ewu-40 uvelile enkantolo, kanti uzobuyela ngomhla ka-12 kwephezulu,” kusho yena.