UZISHAYA ISIFUBA UMQEQESHI WE-BUCS

468
NGU-JOSE Riveiro

SENZO SOKHELA
UZISHAYA isifuba ngezakhe uJose Riveiro ongumqeqeshi we-Orlando Pirates emuva kohambo olube yimpumele lo lwase-Europe. IBucs ichithe le nyanga eSpain lapho beyenza khona amalungiselelo okuqala isizini entsha yeDStv Premiership. Ifike eSpain yagijima imidlalo emithathu namakilabhu ehlukene. Inqobe imidlalo emibili yadlala ngokulingana kowodwa. Yehlule iMaccabi Tel Aviv yakwa-Israel ngo-1-0, yaguqisa i-Indipendiente del Valle yase-Ecuador ngo-3-1, yavala ngokubambana neLas Palmas yaseSpain ngo-0-0. URiveiro ekhuluma nethimba likamabonakude weBucs, uzishaye isifuba ngekilabhu yakhe njengoba ethi konke kuhambe ngokohlelo eSpain.


“Ngijabule ngendlela izinto ezihambe ngayo nangendlela esidlale ngayo kulolu hambo. Sibe nengqayizivele yethuba siyikilabhu yaseNingizimu Afrika, ukuchitha isikhathi esimqoka ekuhambeni, ngiyayibonga ikilabhu ngalokho. “Ngakolunye uhlangothi, sibe nethuba lokudlala namakilabhu amathathu aseqophelweni eliphezulu, saba nethuba lokumela i-Orlando Pirates neNingizimu Afrika ngobuqotho. “Konke kubukeka kuhamba kahle kanti nabadlali bethu abasha bangena khaxa esitayeleni sethu. Ngikholwa wukuthi sesimi ngomumo ukubhekana nanoma ngubani,” kusho uRiveiro. Uthi amakilabhu abadlale nawo abaqinise ukhakhayi. “Sibhekane namakilabhu obekuphoqa ukuthi ngaso sonke isikhathi imiqondo yethu ihlale isesimeni umdlalo uqala uze uyophela.


Ngale sizini kunezinto engifuna sithi siqala nje imidlalo, zibe sezilungile. “Sizoba nemidlalo emqoka ngakho-ke kufanele isizini siyiqale ngegiya eliphezulu iqala kuze kube iyophela. “Ngethemba ukuthi izifundo esizifunde kulolu hambo zizosisiza,” kusho uRiveiro. IPirates izovula imidlalo yeligi ngokubhekana neStellenbosch ngoMgqibelo womhla ka-5 ku-Ncwaba (August) eCoetzenburg Stadium, eStellenbosch. Lo mdlalo uzoqala ngo-20h00.

Previous articleKusolwan umbango’ngokuzibulala’kukandlunkulu
Next articleIzikhumba zimbeke ezingeni lomhlaba