SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uzishaya isifuba ngezinduku azitheze ngesikhathi kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoMasingana (January) njengoba ekholwa wukuthi zizoba wusizo olukhulu kule kilabhu.
Phakathi kwabadlali ebasayinisile kungabalwa uThembinkosi Lorch odlale iminyaka kwi-Orlando Pirates. Iphinde yasayinisa uTashreeq Matthews, nguZuko Mdunyelwa noMatias Esquivel.
“Ngokuqhubeka kweminyaka sifuna ukuba nekilabhu ezokwazi ukuqhubeka nomgqigqo. Yingakho sisayinise nabadlali abasebancane abazokwazi ukusisiza ukuqhubeka nokulokhu siwola izinkomishi. Abanye balaba badlali esibasayinisile sifuna ukuba babe ngumgogodla wekilabhu eminyakeni ezayo.
“UMatthews, uMdunyelwa no-Esquivel ngizishaya isifuba ngabo, bayikho konke esikudingayo ekilabhini,” kusho uMokwena.
Uthi nakuba kumjabulisa ukuba khona kwalaba badlali kodwa uthi umincile ngesimo sabadlali bakhe abebekwi-Afcon njengoba kucaca ukuthi ngeke babe yingxenye yale kilabhu emidlalweni embalwa ezayo. Abadlali beDowns abebekwi-Afcon neBafana Bafana kungabalwa kubona uRonwen Williams, uKhuliso Mudau, u-Aubrey Modiba, uGrant Kekana, uTeboho Mokwena, uThemba Zwane, uMothobi Mvala, uThapelo Morena, uTerrence Mashego noThapelo Maseko okulindeleke ukuba ahlale izinyanga engadlali njengoba elimale khona kwi-Afcon.
Uthi kuyacaca ukuthi ngeke bonke laba badlali abebekwi-Afcon badlale uma sebeqala umzuliswano wesibili, kuzofanele babanike ikhefu bayolanda amandla ngoba badonse imidlalo eminingi esikhathini esifushane, amamasela ayasinda.
“Kodwa-ke sizokulwa ngalaba badlali esinabo ngoba kayikho into esingayenza, bebeyomela izwe lethu futhi bakwenze lokho ngempumelelo, siyaziqhenya ngabo neqembu lonke nje leBafana Bafana,” esho.