Uzishaye isifuba uKaunda eshiya eThekwini

206

LUCKY CAIN

UVALELISE ngokuzishaya isifuba namuhla ngoLwesine uMnu Mxolisi Kaunda, wathi uwusebenzele uMasipala weTheku ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokugcina eyimeya yalo masipala omkhulu KwaZulu-Natal esigcawini sabezindaba. NgoLwesithathu ebusuku, kuvele izindaba zokuthi i-ANC KwaZulu-Natal isimkhiphile uKaunda kulesi sikhundla njengoba esezoba yilungu lesigungu sePhalamende, iNational Council of Provinces (NCoP).

Esigcawini nabezindaba, uzincomile wathi ushiya lo masipala usesimweni esihle ngokwemali futhi nezinhlelo zokuvuselela ingqalasizinda sezikhona. Uvumile ukuthi zibe khona izingqinamba ngaphansi kobuholi bakhe kulo masipala. Ubalule izikhukhula, izinhlekelele ezenzekile, yiCovid 19 nokunye. Uthe ngeke sibe khona isikhala ngokushiya kwakhe kwazise likhona iphini lemeya elizobamba okwesikhashana kuze kumenyezelwe ngokusemthethweni ozovala isikhala sakhe. Ubonge i-ANC ngokumnika ithuba lokuphatha lo masipala.

Previous articleLihlehlile “elowakha” itulolokubulawa komyeni owayeyiphoyisa likamasipala
Next articleKuphelile ukuqagela ngamaqembu azobusa iKwaZulu-Natal