SKHOSIPHI MTHEMBU
SIGCINE siphumelele ukuqeda ngempilo yaso isalukazi esasiyikhansela, esizithungele ngomlilo safa ngoMgqibelo ekuseni, sisemzini waso KwaNondabula, eNdwedwe.
UNkz Thembi Masinga (66) oke waba yikhansela laku-wa-rd-9, kuMasipala wa-seNdwedwe, kuthiwa uzibhunyele ngophethiloli kwenye yezindlu emzini wakhe, washa wangqongqa.
Kuthiwa umlilo ubonwe yizingane nowesifazane osizayo, okuthe uma beyobheka, bazithela phezu kwesidumbu sakhe sesishile.
ILANGA lihletshelwe wumthombo walo wasendaweni – ozifikele mathupha endaweni yesigameko – ukuthi uNkz Masinga uzibulala nje, phakathi nezinsuku uke wazama ukuzibulala ngokuzilengisa, kodwa wehluleka.
Uthe umufi uzivalele kwenye indlu ehlala izimpahla ezingasasebenzi, wazithungela ngomlilo. Umthombo uthi kwenzeka lokhu nje, emini ubehambe nomunye wesilisa obemshayelela imoto yakhe, beyothenga edolobheni. Sebebuya kuthiwa ucele ukuba amdlulise egaraji lokuthela uphethiloli, wathenga isigubhu sikaphethiloli.
UMnu Nzuzo Chamane oyikhansela ku-ward 9 – ongene ngemuva kukamufi – uthe basathukile ngoba kubazumile ukudlula kwakhe emhlabeni.
“Umama ubewusebenzela umphakathi. Ngikhumbula ukuthi ngesikhathi kuphakanyiswa igama lakhe ukuba angenele ukhetho, ngangisafunda isikole. Yize ebeseshiyile ekubeni yikhansela, kodwa ubeyingxenye yezinhlelo zentuthuko emphakathini,” kusho uMnu Chamane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa, Ngcobo uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu, basenza uphenyo.
skhom@ilanganews.co.za