Unqabile ukubona izingane ukuze zivalelise
PHUMLANI GAMA
UBONGE ukusebenza ngokuzikhandla kwabaphenyi umndeni kaNkz Thumamina Nsele, waseMandeni owayenguthisha kwesinye sezikole zase-Nquthu, emuva kokugwetshwa kukayise wezingane zakhe ezimbili ngecala lokuthenga izinkabi ukuba zimdubule zimbulale ngoba enomona wokuthi usezakhele umuzi.UZwelithini Ngcobo uzobhadla ejele iminyaka ewu-20 emuva kokulahlwa ngecala yiNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesibili. NgoNtulikazi (July) ngo-2021, ILANGA labika kabanzi ngesigameko sokuhlaselwa kudutshulwe uNkz Nsele esemzini kanina obude buduze nowakhe ayesezakhele wona.
Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Ntuthuko Nsele ongumfowabo kamufi, uthe babevele besola uyise wezingane zikadadewabo ngoba lesi sigameko senzeka ubudlelwano babo bungebuhle. Uthe ubonga kubona bonke abantu ababambisane nomndeni wakubo kuqulwa leli cala. Ubabaze neqhaza labezindaba ngokushicilela lolu daba. Uqhube wathi nakuba bengagculisekile ngesigwebo, kodwa kubathoba amanxeba ukuthi uZwelithini ugcine etholakele enecala. “Ngesikhathi luqala lolu daba, lwaluphethwe ngamaphoyisa aseMandeni, okwathi uma efuna ubufakazi ngezinsolo esinazo siwumndeni wakwaNsele, sawanika konke. Kwasiphatha kabi ukubona umsolwa elokhu egcaluza emphakathini ekubeni thina sinezinsolo eziqinile zokuthi unesandla ekufeni kukadadewethu.
“Ngaluthatha udaba ngalunika amaphoyisa aKwaDukuza, okuyiwona alusebenze kwaze kwaba lufinyelela esiphethweni. “Ukubanjwa kwenkabi eyabulala udadewethu, kwaba wumsebenzi wawo la maphoyisa. Sibuhlungu kakhulu isihluku esasetshenziswa ebulawa, ngoba umbulali wafika wahlakaza isixuku maqede waphuma iqhubu noThumamina, okwathi noma esebaleke wangena endlini, wamlandela wamdubula amahlandla amaningi esekameleni likamama,” kusho uMnu Nsele. “Ngiyafisa nokubonga kuwona wonke amalungu omphakathi wangakithi ngeqhaza lawo ngoba ayelokhu ewa evuka nathi esebenzisa imali yawo eyocula izingoma, ekhuza neziqubulo ngaphandle kwenkantolo. Lokhu kuthele izithelo ezinhle namuhla ngoba umenzi wobubi usegwetshiwe. “NgoLwesibili besihambe nezingane zakhe enkantolo ukuze ezovalelisa kuzona, kodwa wenqaba.
“Uthe akafuni ngisho nokuzibona izingane ngenxa yesenzo sakhe. “Yena wayengazitsheli ukuthi uzobambeka, kodwa yinkabi ayeyiqashile eyavele yacula konke. Nayo le nkabi izovela kule nkantolo ngoLwezi (November) kuwona lo nyaka. Kumanje idonsa isigwebo ejele iQala kabusha,eMpangeni. UNgcobo waqambamamanga enkantolo ethi wabulala udadewethu ngoba wayekade esanda kuthola amahlebezi okuthi naye wayekade akha itulo lokumbulala. Sithobeke amanxeba ngokuthi ekugcineni athole isigwebo,” kusho uMnu Nsele.