Uzodumisa endaweni azalelwa kuyo

318

USphumelele uthi kunomehluko ukunandisa phambi kwabantu abakwazi usakhula

UJUMBO ungomunye wabaculi abazonandisa kwiHalleluya Gospel Concert,USPHUMELELE Mbambo
uzodumisa emcimbini iHalleluya Gospel Concert, ozoba seGalaji Concert Venue, KwaNgcolosi, ePinetown. ngoMgqibelo.

LUCKY CAIN
UVUKWE wugqozi nentshisekelo ngokuthola ithuba lokudumisa endaweni azalelwe wakhulela kuyona umculi we-gospel, uSphumelele Mbambo. Wazakhela udumo ecula neqembu lodumo, iJoyous Celebration. USphumelele uqale ukuvelela emncintiswaneni kamabonakude othi, “I Want To Sing Gospel”, emuva kwawo wajoyina iJoyous Celebration ngaphambi kokuthi azimele kulolu hlobo lomculo. Ungomunye wabaculi abazodumisa emcimbini obhekwe ngabomvu, iHalleluya Gospel Concert, ozoba seGalaji Concert Venue, KwaNgcolosi, ePinetown ngoMgqibelo. Uzoqala ngo-14h00. Le ndawo ivulwe ngokusemthethweni ngoZibandlela (December) nyakenye. Ekhuluma neLANGA uSphumelele, uthe kumnika ugqozi ukuthi ayodumisa lapho ekhulele khona.


“Umculi nomculi uzokutshela ukuthi ungaya noma yikuphi uyodumisa ngekhono lakho, kodwa kuhlale kunomehluko omkhulu uma uyonandisa phambi kwabantu abakwazi usakhula, usazama ukuzakhela igama kulo mkhakha. “Nami kangisakwazi ukulinda uMgqibelo ukuze ngikhombise abangakithi ukuthi ngimatasa ngani kulezi zinsuku, ngiphinde ngibaphe nemicu abayaziyo,” kusho uSphumelele. Utshele leli phephandaba ukuthi wagcina ukunandisa ngaphambi kokuthi izwe livalwe ngenxa yokubhebhetheka kokhuvethe. Uthe kuyena lo mcimbi ufana nokuvuselela indawo yangakubo. “Kuyaziwa ukuthi ngenyanga ezayo kuzobe kuphela isikhathi esingangonyaka sahlaselwa yizikhukhula, ngakho kubalulekile ukuthi kungabi nje wumcimbi, kodwa sinxuse uMdali ukuba asondele, angenelele ukuze izihlava ezihlasele ziphele,” kusho lo mculi owagcina ukukhipha i-albhamu ngo-2018, okwakungethi, “Lishonile Ilanga”.


Uthe kulo nyaka uzimisele ngokukhipha enye kwazise sekunesikhathi agcina ukujabulisa abalandeli bomculo wakhe. Uthe okuhle ngomculo wakhe wukuthi uyahlala ebantwini, akuwona lona osheshayo ukuphuma ezindlebeni zabo. USilindile Ngcobo ongumhleli walo mcimbi, uthe ngoMgqibelo kuzobe kungewona nje umcimbi, kodwa kuzobe kuyindlela yokuxhumanisa umphakathi noNkulunkulu, ikakhulukazi njengoba kuza amaholide ePhasika abalulekile ebantwini abangamakholwa kaKrestu. “Kuzobe kuwumcimbi owandulela iPhasika. Sizokhulekela nokuthi abantu baphephe ezingozini ngesikhathi sala maholide,” kusho uSlindile. Uveze nokuthi lo mcimbi uzonika ithuba nosomabhizinisi bendawo ukuba baqhube amabhizinisi abo, bakwazi ukuzenzela inzuzo. Uphethe ngokunxusa abantu ukuba baphathe izihlalo zabo zama-picnic, baphume ngobuningi ukuyothokozela umculo ozobe uqhululwa ngabaculi okubalwa kubona uDumi Mkokstad, uThobekile, uJumbo noBabo Ngcobo. Amathikithi ayatholakala ngo-R100 eWebtickets, ePick & Pay nasesangweni azobe etholakala.
lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous article‘Angikaze ngibe nokuthula emoyeni’ – Mkhwebane
Next articleUNtokozo namakhonsathi omculo eGoli naseThekwini