KUNXUSWA abanesifiso sokukhalisa umndeni kaJerry Mohlakoane, wodumo kwi-African Wanderers, ukuba banikele kwi-akhawunti yeKwaZulu-Natal Sports Confederation yaseNedbank ethi: 1136765999.
UMohlakoane udlule emhlabeni ngemuva kokuxinwa wukugula. Udlule ngesikhathi esibi lapho kumiswe khona yonke into ezweni izinsuku eziwu-21 ngenxa ye-coronavirus, okuzophoqa abantu abaningi ukuba bangayi ukuyofihla leli qhawe.
Uzobekwa endlini yakhe yokugcina ngoLwesine ngemuva kwenkonzo ezokuba sekhaya esigcemeni sakwa-Z, eMlazi. UMohlakoane ubesethathe umhlalaphansi njengoba ebesebenza emnyangweni wezemidlalo waKwaZulu-Natal.