Uzogadla ngomakadebona uThabo Bester

510

THANDOLUHLE NGUBO

UZOBE ebophele omakadebona babameli ethimbeni lakhe uThabo Bester uma sekuqala ukuqulwa kwecala lakhe mhla ka-21 kuNhlolanja (February) wonyaka ozayo, eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein. 

Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi uBester nasolwa nabo bevele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein ukuthi uzogadla ngo-Adv Zandile Mshololo no-Adv Dali Mpofu, ukuze bammele.

UMshololo ungomunye wabameli abavutha bengabaselwe ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana. Kulona umele uFisokuhle Ntuli. 

Ugqame kakhulu nangesikhathi evela njengowayezolekelela ithimba labameli beSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini neNkosi Mangosuthu Buthelezi (esanda kukhothama) ngesikhathi kuqubuka umbango wasendlunkulu ngo-2021/2022 ngemuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu. 

UMpofu useke wabonakala emacaleni ahlukene, okubalwa kuwo nakaMnu Jacob Zuma. 

UBester noDkt Nandipha Magudumana baboshwa ngoNdasa (March) nonyaka, ngemuva kokuthi amaphoyisa aseFree State ekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwabo eTanzania. 

Laba bobabili bafudukela eTanzania ngemuva kokuthi uBester eqe ejele kanti kuthiwa wayelekelelwa nguDkt Magudumana nabanye, okukhona kubona nezisebenzi ze-G4S ezaziqaphe kuleli jele. 

NgoLwesithathu inkantolo ihoxise amacala abebekwe abasolwa abathathu, okunguNastassja Jansen, uThabang Mier noMoeketsi Ramolula ababesebenzela iG4S.  

www.ilanganews.co.za    

Previous articleINingizimu Afrika ingase imiswe kwezemidlalo
Next articleAfuna izibhamu amalungu eCPF