LUCKY CAIN
Kwabasesithombeni kusukela kwesobunxele kukhona ungqongqoshe uSenzo Mchunu, uZweli Mkhize noNkosazana
Dlamini-Zuma. Bese kuba nguNkk Thobeka Madiba oyinkosikazi kaMnu Jacob Zuma owayengumengameli, nguDeputy
Chief Justice uRaymond Zondo nenkosikazi yakhe noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.
ISITHOMBE NGU: SIYA MEYIWA
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi uzohlonipha uSolwazi Joseph Shabalala ngendondo esemqoka ezweni, ebizwa nge-Order of Ikamanga yeGolide.
Wenze lesi simemezelo ngesikhathi ethula inkulumo yosuku enkonzweni yomngcwabo kaShabalala ebise-Indoor Sports Centre, eLadysmith izolo ngoMgqibelo.
UMengameli uthe uSolwazi Shabalala kumfanele ukuhlonishwa ngale ndondo ngenxa yemisebenzi yakhe ekwazile ukusabalala umhlaba wonke.
Wethembise izinkumbi zabantu ebezethamele le nkonzo ngokufeza iphupho likaShabalala lokwakha isikhungo sokuqeqesha nokuthuthukisa amaciko, ikakhulukazi lawo agxile emculweni wesintu.
Uqhube ngokuthi bewuhulumeni bazimisele ukusebenzisana namaciko nazo zonke izinhlaka
zawo (amaciko) ezikhona kuleli.
Uthe kuzomele iPhalamende lisheshise ukubuyekezwa komqulu iCopyright Amendment Bill, ukaze umsebenzi wamaciko uvikeleke ngendlela eyiyona.
UMbongeni Ngema obekhulumela ozakwabo emculweni, uphawule ngobudlelwano abenabo
noShabalala – uthi waze wabakhulumela benoPaul Simon ukuba umculo wabo ungabhikishelwa njengoba ngaleso sikhathi kwakune-cultural boycott eGraceland.
Uthe ubesondelene kakhulu noShabalala kusukela kudala esazinze eClermont. Kule nkonzo
uShabalala uchazwe njengendoda ebikhuthele futhi inekhono eliyisimanga lokubhala nokukhiqiza izingoma.
U-Albert Mazibuko, oyilungu leMambazo, elisebenze kakhulu noMshengu, uthe ubenenhlanhla yokulala egumbini elilodwa nale ngqalabutho uma besemzungezweni
yamakhonsathi aphesheya kwezilwandle.
Uthe uMshengu ubelala amahora amabili bese eyavuka afune kuqoshwe izingoma.
Le nkonzo beyethanyelwe yizikhulu zezepolitiki, ezikahulumeni, amaciko ahlukene, amabutho nomphakathi jikelele.
Phakathi kwabaculi abaphelezele uShabalala ngomculo, kubalwa iZulu Messengers, iSoul Brothers, uDeborah Fraser neLadysmith Black Mambazo ejoyinwe uMengameli Ramaphosa esiteji.
lucky.cain@ilanganews.co.za