Uzohlonishwa yinyuvesi ngeziqu uGcina Mhlophe

265

MTHOBISI SITHOLE

UZOHLONISHWA yiDurban University of Technology (DUT) ngeziqu zeDoctor of Philosophy kwiVisual and Performing Arts uGcina Mhlophe – ongumbhali wezincwadi, usonkondlo futhi ongumxoxi wezindaba – ngenxa yamagalelo akhe kwezobuciko. Leli ciko lizohlonishwa mhla ka-28 kwephezulu e-Olive Convention Centre, eThekwini emcimbini wokwethweswa iziqu kwezitshudeni zakule nyuvesi eziphothule nyakenye. 

Okhulumela iDUT, uMnu Alan Khan, uthi, leli ciko lizohlonishwa ngeziqu zeDoctor of Philosophy kwiVisual and Performing Arts, okuwumkhakha ofundelwa kulesi sikhungo. 

Uthi lezi ziqu uzozemukela phambi kwezifundiswa eziwu-371 ezingaphansi komkhakha wakwaFaculty of Arts and Design, ezizobe zigqoka. “Kufanele sikuqhakambise esaphila ukuzimisela kwakhe. Ngo-1986 wakhiqiza umdlalo othi, ‘Umbonile uZandile’, owathokozelwa kakhulu e-theatre, eGoli. Ngalo msebenzi wakhe, wahambela amadolobha okubalwa kuwo iLondon (England), iChicago (USA), iZurich (Switzerland). Imidlalo yakhe idlalwe emisakazweni emikhulu, wahlomula nangezindondo ezibalulekile eChicago nase-Edinburgh (Scotland),” kusho uKhan.

UGcina wabhala izincwadi ezafundisa intsha emazingeni aphansi ngobandlululo nokubaluleka kwesiko. Phakathi kwazo kubalwa ethi “Nozincwadi” nethi “Zanendaba”. Usungule iGcinamasiko Arts and Heritage Trust, okuyisikhwama esigxile ekubhalweni kwezincwadi, ne-festival ephathelene nazo.

Kulo nyaka eDUT, kusukela ngoMsombuluko ozayo, kuzogqoka okokuqala ngqa izitshudeni eziwu-6 991,

Ngakolunye uhlangothi, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) – ophikweni lwaseWestville – kuzogqoka izitshudeni eziwu-7 795 kusukela ngoMsombuluko esisuka kuwona.

mthobisis@ilanganews.co.za 

Previous articleIzikhulu zeChiefs zicabanga kaningi ngoDove
Next articleI-IFP nekhwelo kuhulumeni “ngokuvinjwa” kwayo komasipala be-ANC