Uzokhombisa ukunotha kwamagugu kaZulu ngombukiso wezithombe

206

INTATHELI YELANGA

UZOKHOMBISA ukunotha kwamagugu kaZulu ngombukiso wezithombe eChairman Gallery, ePhoyinti, eThekwini kusukela mhla ka-27 kwephezulu umthwebuli onohlonze waseMlazi, uMandisa Buthelezi (osesithombeni). Lo mbukiso – azowenza ngaphansi kwesihloko esithi “Emgonqweni” – uhlanganisa umsebenzi wakhe weminyaka ewu-9 edlule, kanti ukhombisa injula nokujiya kwamasiko, ezenkolo nokuzazi ukuthi amaZulu angobani. Kulezi zithombe kuvela nokunotha kwamasiko, wukuxhumana kwemiphakathi nokusondelana ngokujulile nemvelo isizwe samaZulu esidume ngakho. Zinika umbukeli umfantu wokubona ubunjalo bamasiko kaZulu nezenkolo, futhi ziphendula umbuzo othi “sasingobani ngaphambi kokuba sithekele kwabezizwe”.

“Umsebenzi wami wagqugquzelwa yimvunulo eyayibonakala ibalulekile kulabo engangihlangana nabo. I-Emgonqweni ikhombisa isiko likaZulu ngezindlela ezahlukene nokuthi lichazwa kanjani ngobudlelwano balo nemvelo, ezikamoya namagugu lehliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane,” kusho uMandisa. Uthi uzimisele ngokuphemba umuzwa wokuzigqaja ngamasiko kwabazobe behambele umbukiso wakhe, ukuze kuhlume imibono yokuzikhulisa kumuntu nomuntu.

Lo mbukiso wesekwe wuMnyango wezeMidlalo, ezoBuciko namaSiko.

Previous articleUshaywe ngoswazi oluncane owatshala imali kamasipala “ngenkani” eVBS
Next articleTHOLA ILANGA NAMUHLA (19 OCtober 2023)