UZONCELISA AMAWELE USOMIZI KUMABONAKUDE

230

USOMIZI Mhlongo uzobonakala ezinhlelweni ezimbili ngesikhathi esisodwa.

USOMIZI Mhlongo

LUCKY CAIN
SIZOKHONYA ezinhlelweni ezimbili ngesikhathi esisodwa isilomo sikasaziwayo wakuleli uSomizi Mhlongo njengoba kukhuza ibuya umncintiswano womculo waminyaka yonke i-Idols SA. USomizi kuyimanje uvela njengomunye wabaphenyi ohlelweni lwangoMgqibelo olukhonjiswa kwi-SABC 3 seligamenxe ihora lesithupha iThe Masked Singer SA, nalo olugabe ngosaziwayo abaqhudelana ngokucula. I-Idols SA izoqala ukukhonjiswa ngoMgqibelo ngehora lesithupha esiteshini esingaphansi kwe-Mnet iMzansi Magic lapho uSomizi eyijaji nabanye osaziwayo okubalwa kubo uThembi Seete noJR Bogopa. Lona wunyaka wokugcina umncintiswano we- Idols SA ukhonjiswa njengoba kuphela ngawo kulo nyaka.


Kuzokhumbuleka ukuthi lo mncintiswano ubuvamise ukukhonjiswa ngamaSonto njengoba kulo nyaka usuzokhonjiswa ngoMgqibelo. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe ngabakwaMultichoice abengamele iMzansi Magic, kulo nyaka lolu hlelo luzobe lugabe ngezinto ezehlukile ezizogcina ababukeli bethokozile njengoba lwaziwa ngokuvundulula ikhono lokucula kuleli. Lo mncintiswano usukhiqize inqwaba yosaziwayo okubalwa abawunqobanalaba abangawunqobanga kodwa asebekwazile ukuzakhelaigama kulo mkhakha kule minyaka ewu-21 waqala ukukhonjiswa kuleli. Kulo nyaka lo mncintiswano uzokhonjiswa eziteshini ezimbili zikamabonakude njengoba uzophinde ukhonjiswe nasesiteshini uMzansi Wethu. Phakathi kosaziwayo abakhiqizwe yilo mncintiswano asebezakhele igama kulo mkhakha kubalwa kubo uKhaya Mthethwa, u-Amanda Black, uKarabo, uNozi Sibiya, uThapelo Molomo, uKarabo Mogane, uLloyd Cele, uHeinz Winkler nabanye abaningi.

Previous articleURanga ubonga uMdali ngeChiefs
Next articleUHLAWULE NGEZINKOMO NEZIMBUZI UMNDENI’WOBULALE’ ISANGOMA