THANDEKA NGOBESE
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU
UGUBHE usuku lwakhe lokuzalwa izolo ngeSonto nezingane ezinge-nabani, ezihlala eValley View Place of Safety, eThekwini, nezihlala emgwaqweni uMfu Sithembiso Zondo.
Izingane eziyintandane zinikelelwe ngezimpahla zokugqoka, izimonyo nokunye okuningi kokuzijabulisa, zinikelelwa yizingane ezikhonza ebandleni likaMfu Zondo, iSoul Renaissance.
Ekhuluma ngokugubha usuku lokuzalwa ngale ndlela, uMfu Zondo uthe inhloso wukufundisa izingane zasebandleni lakhe ngokunikela.
“Sifundisa laba abancane ngoba basenethuba lokufunda bese lokhu esibafundisa khona bakhule nakho baze babe badala. Ngiyakho-lelwa kakhulu kulesi saga esithi ugotshwa usemanzi. Phambilini bengizitshela ukuthi uNkulunkulu uma ekubusisa ukubusisela ukuthi uphakame ubonwe ngabantu; ngifunde manje ukuthi uma sibusi-swa sibusiselwa ukuba yisibusiso kwabanye,” kusho uMfu Zondo.
Uthi laba bantwana njengoba befundiswa kumanje ukuthanda nalabo abangenamakhaya, ngeke kusaphuma kubona noma sebeba-dala ukuthi babanikelele.
“Izibusiso zilele ekunikeleni, hhayi ekutheni uthandaza kangakanani. Ungathandaza ushintshe amagiya kodwa uma ungaphi muntu, ungugombela kwesakho, ngeke umbone uNkunkululu engenelela ephaketheni lakho,” kusho uMfu Zondo.
UNkk Nombulelo Dlamini-Ndaba, oyiChild Care Worker eValley View Place of Safety, uthi ziwu-33 izingane abafike nazo ezinikelelwe yileli bandla.
“Kukhona nezinye eziwu-12 ezihlala emgwaqweni, nazo ezifikile la zathola izipho. Sijabule kakhulu siyiPlace of Safety ngokusizwa kwabantwana ngale ndlela, njengoba iningi labo lidlule ezimeni ezinzima empilweni. Abanye balaba bantwana bahlukunyezwa ngoyise bebadlwengula, abanye baxoshwa emakhaya. Ukuza lapha nje bezojatshuliswa, kuyabafundisa nabo ukuthi akusibo bonke obaba abadlwengulayo, kukhona nababathandayo. Siyabonga ngomnikelo esiwuthole la ebandleni,” kusho uNkk Dlamini-Ndaba.