THANDOLUHLE NGUBO
INCOME isenzo sikaMnu uJacob Zuma ngesikhathi esangumengameli waseNingizimu Afrika inhloko yamajaji ephumayo kulesi sikhundla, uMnu Raymond Zondo (osesithombeni), yathi wayebonisana nabo bengabaholi bamajaji ngaphambi kokuthatha isinqumo sokunciphisa noma ukukhuphula isabelomali sabo. UZondo ubekhuluma izolo ngoLwesihlanu ngesikhathi ephendula imibuzo yabezindaba ngemuva kokwethula kwakhe umbiko weJudiciary Annual Budget.
Uthe ubuholi bukaMengameli uCyril Ramaphosa buhlulekile wukubonisana nabo ngesikhathi buthatha lesi sinqumo.
“Ngesikhathi sikaZuma, kwabizwa umhlangano wazo zonke izinhloko ezithintekayo, saziswa kusenesikhathi ukuthi isabelomali siyancishiswa. Ekuncishisweni kwesakamuva, sibone sekwenzeka nje, okuyinto engafanele ngoba inhloko yamajaji kumele yaziswe bese kuboniswana ngokuthi ukulimala okungaba ekusebenzeni kwezinkantolo nokunye kungamiswa kanjani,” kusho uZondo.
Uthe wambhalela incwadi umengameli ecela umhlangano wokuchazeleka ngalesi sinqumo, kodwa kwabuya impendulo ethi isinqumo wasithatha (umengameli) ngemuva kokubonisana nongqongqoshe wezemali.
“Kubalulekile ukuthi izakhamizi zakuleli zazi ukuthi kwesinye isikhathi uma singasebenzi ngendlela efanele, yingoba izinto zisuke zingaphezu kwamandla ethu. Sisebenza ngaphansi kwezimo ezinzima ngoba ezinye zezinqumo zithathwa singazi,” esho.