THANDI ZONDI
UGABE ngesipiliyoni asithola ekwaluseni nasengomeni eqhathwa uBig Zulu (osesithombeni) njengoba ezongqimuzana nosomabhizinisi, uPhumlani Njilo empini ezokuba mhla ka-9
ngoDecember (Zibandlela), eMooi River.
Exoxa neLANGA, uBig Zulu uthe ukudlala isibhakela akuyona into ayiqala manje, ukhule elivuzisa ekhanda ensizweni.
Uchaza lo mdlalo njengonika imfundiso.
“Isibhakela sinomthetho, kawusidlali noma yikanjani, futhi osidlalayo uyazi ukuthi kawuvele ulwe noma yikuphi,” esho.
Uthi lo mdlalo ungenye yezinto ezingasetshenziswa ekulweni nesihlava sokuhlukumezeka kwabesifazane, ngokuthi indoda ezizwa ifuna ukulwa, ingene
eringini nenye.
Echaza ngokuthi ufike kanjani kweyokuthi angcwekisane noNjilo eringini, uthe: “uNjilo nguye ocele ukulwa nami ngangaba nankinga, ngenxa yokuthi lo mdlalo kawusadumile njengakuqala.
“Sakhula abazali behlalela izimpi zezingqwele ezifana noDingaan Thobela noBaby Jakes Matlala, manje kawusazi nokuthi ngubani oyingqwele kuleli,”
kusho uBig Zulu.
Phambilini uBig Zulu walwa noBrian Dings wamehlula, imali ayihlomula lapho wanikela ngayo.
Ebuzwa ukuthi uzokwenza okufanayo yini nakulokhu, uvele wahleka.
“Ngeke umuntu ahlale enikela ngoba uma ngisuke ngizolwa, kudingeka ngizilungiselele, okusho ukuthi kunemicimbi engiyikhanselayo. Kumele ngibe nendlela yokubuyisa leyo mali,” kusho yena.
Echaza ngokuzilolonga, uthe unabaqeqeshi abamsizayo, kwesinye isikhathi uma isisindo seqile kumele asehlise, ashintshe nendlela yokudla.
Echaza ngokucela uBig Zulu inselelo, uNjilo uthe indaba yaqala kade ephoste i-video ekhasini lakhe lezokuxhumana, ethinta ezamanqindi.
“Kwase kuba khona abalokhu bebuza ukuthi ngiyamesaba yini uBig Zulu, ngathi kangimesabi.
“Bafaka igama lakhe kule ngxoxo naye waphendula ethi akangesabi.
“IBoxing South Africa yayibona le nkulumo yangenelela, yathi masiyenze ibe semthethweni le mpi,” esho.
Uthe uma enqoba, u-10% wemali uzonikela ngawo ebandleni lakhe, iCovenant Fellowship Church International eholwa ngu-Apostle Collins Dlomo.
tzondi@ilanganews.co.za