Uzonxeshezelwa ngezigidi owaboshwa ngephutha

343

Kuvela ukuthi uMnu Mtolo washaqwa phambi kozakwabo emsebenzini

NGUNGQONGQOSHE waMaphoyisa kuZwelonke uMnu Bheki Cele.

LUCKY CAIN

UFUNA ukukudlulisa engqondweni yakhe, aqhubeke nempilo owesilisa ovunwe yicala lokuboshwa ngokungemthetho njengoba iNkantolo eNkulu yasePietermaritzburg, inqume ukuthi kumele uNgqongqoshe waMaphoyisa kuZwelonke uMnu Bheki Cele, ngokwesikhundla sakhe amkhokhele imali elinganiselwa ku-R3,3 million. UMnu Mdunyiswa Mtolo wase- Mgungundlovu uvunwe yile nkantolo kulandela ukuboshwa kwakhe ngo-2011 ngecala angalenzanga, wagqunywa iminyaka engaphezulu kwemibili ebhadla ejele. UMtolo waboshwa esebenza njenge-boilermaker kwenye yezinkampani ePietermaritzburg, washaqwa ngamaphoyisa esemsebenzini ngoMandulo (September) ka-2011 ngecala okuvela ukuthi akalenzanga, wayesolwa ngokugqekeza emzini nokwebiwa kwemoto.


UMtolo wanqatshelwa ibheyili ngenxa yokuthi ngaleso sikhathi amaphoyisa aveza ukuthi wabanjwa oqotsheni esemotweni eyebiwe.
Ngemuva kokuboshwa kwavela ukuthi wagqunywa ubusuku obune eziteshini ezimbili zamaphoyisa khona eMaritzburg kodwa lokhu akushicilelwanga phansi ngamaphoyisa ayembophile. Kuvela ukuthi uMtolo wahlukumezeka ngesikhathi eboshwa njengoba agxavunwa ngesihluku ngamaphoyisa phambi kozakwabo, abambona njengesigilamkhuba. Kuvele ukuthi uMtolo waboshwa iminyaka engaphezulu kwemibili lapho ayegqunywe khona ejele laseNew Prison, ePietermaritzburg. Kuthiwa isimo sasingesihle ngesikhathi uMtolo egqunywe ejele njengoba wayelala ngengubo eyodwa kanti ukuze angadlwengulwa waphoqeleka ukuthi akhokhe imali engango-R500 nogwayi njalo ngenyanga.


Ubhekane nezimo ezingezinhle ngesikhathi esezikhindini njengoba ebalula nesigameko lapho apotozwa khona izinqa ngesinye seziboshwa. Lithula isigwebo iJaji Robin Mossop, lithe akungabazeki ukuthi uMtolo wahlukumezeka kakhulu ngesikhathi engaphakathi ejele njengoba agcina ezizwa engenamandla okuzilwela. Ligweba, linqume ukuthi ungqongqoshe akhokhele uMtolo uR3 million ngokuboshwa nangokugqunywa kwakhe ejele ngokungemthetho, uR300 000 ngokwehlelwa yisithunzi noR67 200 ngokulahlekelwa wumholo. Linqume nokuthi ungqongqoshe akhokhe izindleko zecala. Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ummeli kaMtolo, uMnu Mbongeni Mathonsi uthe bagculisekile ngesinqumo senkantolo, okumqoka manje wukuthi ikilayenti lakhe liqhubeke nempilo. Uthe uMtolo ufisa ukunikezwa isikhathi sokuqhubeka nempilo ngaphandle kokulokhu evela kwabezindaba ngalolu daba. Usole uhulumeni ngokudonsa izinyawo nokwenze leli cala lathatha isikhathi eside njengoba kuthathe cishe iminyaka ewu-8 ukuze bathole ubulungiswa. Okhulumela uNgqongqoshe uLirandzu Themba, uthembise ukuthola kabanzi ngalesi sinqumo ngaphambi kokuthi aphawule ngaso.

Previous articleUqhamuka nekhambi elingelapha iChiefs
Next articleBayomela elakuleli emidlalweni yamazwe