LUCKY CAIN
UZOSEBENZISA ikhonsathi ukubonga abalandeli bakhe baseThekwini umculi owaphoxeka eshelwa yiphimbo enandisa ngesikhathi egcina ukunandisa kuleli dolobha.
USamkelo “Samthing Soweto” Mdolomba (osesithombeni), uzobuyela eThe Playhouse, eThekwini, ngo-Mgqibelo ngo-19h00, eyonandisa kwikhonsathi ebizwa The Future Is Now, lapho ezobe ehambisana nomzwilili wakuleli, uZoe Madiga.
Ubuyela kule ndawo nje, kuzokhumbuleka ukuthi egcina ukunandisa kuyona, washelwa yiphimbo, kwaphoqeleka ukuba angaziculi zonke izingoma zakhe.
Uthe uzizwa ethobekile ngokubuyela eThekwini ngoba besingakapholi isilonda sokwenzeka ngonyaka owedlule, ehluleka wukujabulisa abalandeli bakhe ngendlela ayefisa ngayo.
Amathikithi omcimbi wangoMgqibelo ayatholakala eWebtickets nasePick n’ Pay ngo-R300.
lucky.cain@ilanganews.co.za