Uzoqashwa ngelokhozi uPistorius onikwe ushwele

424

INTATHELI YELANGA

UZOQASHWA ngelokhozi ukuthi uyayilandela yini imibandela kashwele anikwe wona u-Oscar Pistorius wodumo lokuqoqa izindondo egijima ngezinsimbi njengoba ezodedelwa ejele mhla ka-5 kuMasingana (January) wonyaka ozayo – emuva kweminyaka elinganiselwa kwewu-11 esekhulukuthu ngecala lokubulala isinqandamathe sakhe, uReeva Steenkamp. U-Oscar wadubula wabulala Reeva ngosuku lwezithandani ngo-2013. Okhulumela ezokuhlunyeleliswa kwezimilo, uSingabakho Nxumalo, uthe: “Ukukhishwa kukashwele kuyingxenye yohlelo lokuhlumelelisa izimilo futhi kungahlanganisa nokuqhubeka kwezinye izinhlelo okuhloswe ngazo ukuba (umenzi wobubi) amukeleke emphakathini,” kusho yena. Uthe u-Oscar uzoqedela isigwebo sakhe enza imisebenzi yokusiza umphakathi kanti-ke uzobe eqashiwe ukuthi akayephuli imibandle kashwele, kuze kuba isigwebo siyaphela. Sekuwumlando ukuthi u-Oscar waqoqa izindondo zegolide eziwu-23, eyesiliva neyethusi emijahweni yabaphila nokukhubazeka.

Previous articleKuqine idolo kwabeSharks kubuya abamaBhokobhoko
Next articleAbapheki sebetakula imindeni ngoKhisimusi