SENZO SOKHELA
UZOPHOLISWA amanxeba ngenkontileka entsha umdlali weMamelodi Sundowns olimale kanzima elwela le kilabhu.
UThapelo Morena ubhinyilike iqakala ngasekuqaleni konyaka ezakhe zibhekene neSuperSport United koweNedbank Cup.
Nokho uyalulama yize kubukeka ezoze abonakale ebholeni ngesizini ezayo.
Lo mdlali ulimala nje, inkontileka yakhe neDowns iyaphela uma kusongwa isizini.
Nokho inesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka.
Leli phephandaba lithole ukuthi umqeqeshi wale kilabhu uPitso “Jingles” Mosimane osanda kwelula eyakhe inkontileka neDowns ngeminyama emine usezinhlelweni zokuthoba inhliziyo lo mdlali ngokumgixabeza ngenkontileka ende.
Umthombo waleli phephandaba uthe: “UMosimane umthanda ukufa uMorena, ngeke nangengozi amdedela usazomgcina.
“Njengoba udaba lwakhe lwenkontileka selulungile umatasa ubhekisisa izinkontileka zabadlali.
“Empeleni ucubungula azobagcina nazobadedela.
“Ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuthoba uMorena amanxeba ngokumnika inkontileka ende khona elimele.
“Kumphathe kabuhlungu ukulimala kwalo mdlali. Indlela okwenzeke ngayo imuzwise ubuhlu-ngu,’’ kusho lo mthombo.
Leli phephandaba libuza uMashupje ‘’Shupi’’ Nkgadima wezokuxhumana kwiDowns ngalolu daba uthe akasiyena umkhulumeli wale kilabhu usebenza kwezokuxhumana akushayelwe u-Alex Shakoane nguyena okhulumela ikilabhu.
Nokho imizamo yokuthola uShakoane iphunzile njengoba kusukela ngeledlule leli phephandaba belilokhu limzama kodwa engalubambi ucingo.
NoWhattsApp awuthunyelelwe ngoLwesihlanu ekuseni ugcine ubonakala sengathi uwufundile kodwa akangawuphendula.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engazange aphendule.