Uzovela namuhla umsolwa (15) kwelokubulala ingane (4)

149

Bathi umsolwa wake wazama phambilini ukuyinukubeza

NOMFUNDO NGWANE

UMINENHLE “Mino” Mhlongo (4) osekuboshwe ilungu lomndeni wakhe elineminyaka ewu-15 ngokutholakala kwesidumbu sakhe sidlwenguliwe maqede sanqunywa uqhoqhoqho KwaMashu.

SISHIYE umphakathi wakwa-M, KwaMashu ushaqekile isigameko sokuboshwa komfanyana oneminyaka ewu-15 ubudala mayelana nokudlwengulwa kubulawe isihlobo sakhe ebesineminyaka emine ubudala. 

Isidumbu sikaMinenhle “Mino” Mhlongo (4), satholwa ngoLwesine olwedlule silahlwe ehlashaneni elingemuva komuzi wakubo emuva kokuba enyamalale ngoLwesithathu. 

UMnu Sboniso Khoza onguyisemkhulu kamufi, okunguyena obejwayele ukusala amgade uma unina, uNkz Fikile Mhlongo eyofuna amatoho, uthi ingane yanyamalala ekuseni ngemuva kokuthi yena ethole ucingo olwaludinga ukuba aphuthume eMount Moriah. 

“Ngesikhathi ngikhuluma nocingo, umsolwa wayekhona endlini, engilalele. Ngaphambi kokuba ngihambe, ngaqala ngayigeza ingane ngayenzela nokudla njengokujwayelekile, ngayishiya idlala egcekeni nezinye izingane. 

“Ngathola ucingo luvela kunina ngingakabuyeli ekhaya, engitshela ukuthi usebuyile, ingane akayiboni. Ngafika sebeqalile ukuyibheka nabanye omakhelwane, sekucaca ukuthi ingane inyamalele. 

“Ngesikhathi sibheka, umsolwa wayekhona, engazi nokuthi lidumephi, edlala nezinye izingane zakomakhelwane. Saze sayolala ngoLwesithathu ingane ingazange itholakale. 

“Nakuba size sithole umkhondo, sasizwa ngumama wakwamakhelwane owasitshela ukuthi ugcine ukuyibona emini ifika kuyena iyothenga iphakethe lama-chips. Wathi ingane imtshele ukuthi ithunywe ngumsolwa. 

“Kwaphela isikhathi esincane igcine ukubonakala iyothenga ama-chips, kwezwakala ukuthi isinyamalele,” kusho uMnu Khoza. 

Utshele ILANGA ukuthi ngoLwesithathu wehluleka nokulala ngenxa yokuthi abantu abaningi base besola yena, bethi unesandla ekunyamalaleni kwengane ngenxa yokuthi yayijwayele ukusala naye. 

Uthi ngoLwesine wavuka waqala ehlathini elingemuva kwendlu, wangena ngaphakathi. Kwathi esephakathi nalo, wazithela phezu kwento embozwe ngezingubo zelinye ilungu lomndeni. 

Uthi wasondela wabona ukuthi yisidumbu sengane esinqunu, sinamanxeba okugwazwa emzimbeni, kanti emqaleni kuyabonakala ukuthi ibinqunywa. 

“Ngesikhathi sesihlaba umkhosi komakhelwane, simemezela ukuthi sesitholakele isidumbu sengane, umsolwa wayeme enkundleni yokudlala eseduze nomuzi, ebuka ngalapho esitholakale khona engazi nokuthi lidumephi. Ubuye ekhaya wangakhombisa nokuthi kukhona into ayaziyo,” kusho uMnu Khoza. 

Uthi umsolwa uboshwa nje, vele phambilini wake wazama ukuyinukubeza le ngane ilele nonina. Wahluleka ngenxa yokuthi unina wengane washeshe wambamba. 

“Kuthe esethathwa ngamaphoyisa, emuva kokuzivumela ngowakhe, sithole ukuthi kade wayihlela le nto, ubelinde ukuthola ithuba lokuthi ngihambe ngoba ingane ibisala nami,” kusho uMnu Khoza. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrig Jay Naicker, uthe kuvulwe icala lokubulala, umsolwa uboshiwe. kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma namhlanje.