UZOVEZA UHLANGOTHI OLWEHLUKILE KWI-DIEPCITY

642
UNTOKOZO Dlamini uke wabonakala elingisa nakwiThe River

THANDI ZONDI
“NGIJABULE kakhulu ukuba yingxenye yomdlalo othokozisayo njengalona ngenxa yokuthi bese nginyamalale isikhathi eside kumabonakude.” Lawa ngamazwi kaNtokozo “TK” Dlamini, osezobonakala emdlalweni iDiepCity, elingisa indawo kaBafana. Wazakhela igama kwezokulingisa edlala indawo kaMastermind kuZalo, oluhamba phambili ngababukeli emidlalweni ewuchungechunge yakuleli. Kulo mdlalo uMastermind wayengomunye wezithandwa zababukeli.


UNtokozo uthi ukuba yingxenye yalo mdlalo kuzonika ababukeli bawo ithuba lokubuka olunye uhlangothi lwakhe kwezokulingisa, uma kuqhathaniswa nezindawo aseke wazidlala phambilini. “UBafana uzifela ngempilo emnandi kodwa futhi uthanda impilo esheshayo yaseDiepsloot, okwenza indawo yakhe ithokozeleke,” kusho uNtokozo.Uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngoMsombuluko ozayo womhla ka-31 kwephezulu.


Indawo azobe eyilingisa imenza abe nogazi ngoba unolimi olushelelayo kulo mdlalo otshengiswa njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo20h30 kuMzansi Magic (DStv channel 161). Kule ndawo ayilingisayo ubonakala ekhuza ibuya eDiepsloot ngemuva kokuphila impilo ephezulu endaweni yabadla izambane likapondo eFourways, eGoli, ehlala nosomabhizinisi onguyise kodwa ngemuva kwamasonto ebuyile, uzithola esenkingeni.
tzondi@ilanganews.co.za

Previous articleObesejovwe wukulima ushiye enyuvesi
Next article“Impilo yosaziwayo kayibona ubukhazikhazi”