Uzulelwa ngamanqe owe-chiefs

707

SENZO SOKHELA

UPHILANI Zulu ongumdlali weKaizer Chiefs.

UZULELWA ngamanqe umdlali weKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi usohlwini lwabadlali abangase bakhonjwe indlela ngenxa yokuthi akekho ezinhle-lweni zomqeqeshi u-Ernst Middendorp.

IChiefs isayinise uPhilani Zulu (27) ngo-2017 esuka kwiMaritzburg United abenezinkinga nayo. Usayina kwiChiefs nje, ubengasajimi nesikimu esikhulu seTeam of Choice emuva kokuba ithole ukuthi usayine inkontileka yesibambiso neChiefs. Nokho selokhu efike kwiChiefs kakukho okutheni aseke wakwenza njengoba ube-dlala abuye eqiwe yijezi.

Ngale sizini udonsa kanzima njengoba isikimu esizwa ngendaba. Usagijime imidlalo emithathu nje kuphela kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano nakhona ubesuka ebhentshini. Leli phephandaba lithole ukuthi lo mdlali ungomunye le kilabhu ehlela ukubafaka amasondo.

“UZulu ungomunye wabadlali uMiddendorp akubeke kwacaca kubaphathi bekilabhu ukuthi ngeke abadinge uzobadedela. Empeleni lo mqeqeshi ufuna ukuvula isikhala njengoba kunabadlali abasebancane afuna ukubanika ithuba. Ngesizini ezayo nje kunabadlali azobanyusela esikimini esikhulu.

“Kunomfana okuthiwa nguGiven Thibedi obolekiswe kwiSwallows edlala kwiGladAfrica Championship afuna ukuba abuye ngesizini ezayo futhi usebatshelile abaphathi. Into engasindisa uZulu yileli cala leFifa esalidlulisile iChiefs njengoba ihlawuliswe ukuthi ngeke ivumeleke ukusayinisa abadlali isizini eyodwa,” kusho umthombo oncikene kakhulu nale kilabhu.

Leli phephandaba lishayela uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe: “Okwamanje kusathulakele sizihlalele kakukho okwenzekayo ekilabhini. Yingakho kungeke kube lula ukuthi ngiphawule ngalolu daba. Njengoba ngikhuluma nawe nje ngisenkonzweni ngi-online. Thina bantu bebhola kasinazimvume njengoba singakabalwa nabenza imisebenzi ebalulekile. Sisazihlalele emakhaya kuze kube kuthiwa masibuyele emsebenzini.”

Previous articleZingena zingenile izicelo zokuqeqesha amazulu fc
Next articleowe-kings uyithela ngabandayo eyokwehliselwa amaholo