UZuma akapheli moya “ngokugojela” uRamaphosa

273

BHEKI NDLOVANA

AKAPHELI moya owayengumengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Jacob Zuma ngendaba ethinta inhloko yamajaji kuleli, uMnu Raymond Zondo. 

Kubhekwe usuku okuzothethwa ngalo icala phakathi kwakhe nomengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa njengoba ephikisa isinqumo sikamengameli sokuqoka uMnu Zondo kulesi sikhundla. 

Ufuna iNkantolo eNkulu yaseGoli isichithe isinqumo sikaMnu Ramaphosa, sithathwe njengesiphambene nomthethosisekelo wezwe. 

IJacob G Zuma Foundation iqinisekise ngesitatimende esikhiphile ukuthi uMnu Zuma umangalele uMnu Ramaphosa, yaveza nokuthi naye umengameli usewafakile awakhe amaphepha enkantolo aphikisa isimangalo sikaMsholozi.

UMnu Zuma ukholwa wukuthi uMnu Zondo wayengafanele ukuqokwa, futhi iJacob G Foundation ithi kunobufakazi bokuthi wathola amavoti amancane emalungwini eJudicial Service Commission (JSC), eyayengamele uhlelo lwenhlolokhono yokuqoka owayezongena kulesi sikhundla. 

Ukholwa nawukuthi uMnu Ramaphosa waqoka uMnu Zondo ngoba “emklomelisa” ngokuthi akazange amfake kulabo abasolwa ngezenzo zenkohlakalo nokukhwabanisa, amagama abo avela embikweni wesigcawu esasiphenya ngezinsolo zokuqhwagwa kwamandla ombuso yidlanzana. 

“Kuzofanele achaze nokuthi kungani engamhhoyanga owesifazane owathola amavoti amaningi (kwiJSC),” kusho iJacob G Zuma Foundation. 

Kuyaziwa ukuthi amanye amalungu eJSC ayefuna kuqokwe uNks Mandisa Maya owagcina eqokwe nguMengameli Ramaphosa kwesokuba yisekela likaMnu Zondo. 

Impi yezomthetho phakathi kukaMnu Ramaphosa noMnu Zuma akuyona into entsha njengoba uMsholozi eke wafuna ukushushisa umengameli ngesasese emumatanisa nodaba lokuputshuzwa kwemininingwane yakhe yezempilo. bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleUfihlwa kusasa owayeshade noBrenda Fassie
Next articleTHOLA ELEMPELASONTO 07 October 2023