UZuma ukhonjwe indlela kwiSanco esolwa ngokulova

256

PHUMLANI GAMA

IJAZI ligcwale umoya kuMnu Jacob Zuma kwesokuba ngusihlalo weSanco KwaZulu-Natal, ebinesigcawu sabezindaba namhlanje, okulapho iveze khona ukuthi uMsholozi uzixoshe yena ngokungayihambeli imihlangano yale nhlangano futhi ubengabiki lutho “ngokulova” kwakhe.

KWESOKUNXELE nguMnu Lawrence Dube ozobamba isikhundla “okuxoshwe” kuso uMnu Jacob Zuma okwesokudla.

Lesi sihlalo sizobanjwa ngobeyisekela lakhe uZuma, uMnu Lawrence Dube.Ekhuluma nabezindaba uMnu Sizwe Cele ongunobhala weSanco, uthe kawekho amacala abekwe wona uZuma, kodwa uzixoshe yena ngokungayihloniphi imithetho yenhlangano.
“Ufana nomuntu oweqile ngoba akukho lapho ake wabika khona ngokungabikhona kwakhe. Le nhlangano ibambisene ne-ANC uZuma asanda kumemezela ukuthi ngeke ayeseke. Lokho nje kukodwa, kuchaza okuningi. Ngaphezu kwalokho, sizomazisa ngencwadi mayelana nokuxoshwa kwakhe. Isinqumo sokuxoshwa kwakhe sithathwe yisigungu esiphezulu esifundazweni,” kusho uCele.

Previous articleUwukhomba kuyena umunwe ngokukhuhla ibhentshi
Next articleI-Sanco kwakufanele ibone kusakhanya ukuthi uMsholozi akahleli, uyadlula