THANDOLUHLE NGUBO
UMHOLI weqembu weMK Party, uMnu Jacob Zuma useqoke uDkt Sifiso Maseko (ophakathi) noMnu Menzi Magubane ukuvala izikhala ezivuleke izolo ngoMsombuluko ngesikhathi ‘kusula’ obengunobhala-jikelele weqembu, uMnu Arthur Zwane (okwesokunxele). uDkt Maseko unikwe esikanobhala-jikelele kwathi uMagubane wabekwa kwesomgcinimafa.
Ngemuva ‘kokusula’ kukaZwane, kususwe esikhundleni uMnu Danisa Zulu obengumgcinimafa. Phambilini uZwane ubengunobhala-jikelele wesibili waleli qembu, kwathi emuva kokutshalwa kukaMnu Sihle Ngubane ePhalamende, wakhushulelwa kwesikanobhala-jukelele.
Encwadini yokwesula ebhalwe nguZwane izolo, uveze ukuthi lesi sikhundla usishiya ngenxa yomsebenzi omningi abhekene nawo. Uthe nakuba eshiya, kodwa useyilungu eliphelele leqembu futhi uzimisele ngokufaka isandla lapho edingeka khona.
Encwadini yokususwa kukaDanisa, uZuma uveze ukuthi usazoxhumana naye ngeqhaza angalibamba ekuhlelweni kweqembu. Khonamanjalo, kusabalale izinkundleni zokuxhumana incwadi ekuthiwa ibhalwe nguMsholozi esusa uZwane esikhundleni ngaphambi kokuvela kweyokwesula kwakhe. Incwadi iveza ukuthi uMsholozi wanquma ukumsusa kulesi sikhundla (uZwane) ngomhla ka-28 wenyanga edlule – njengoba uZwane esule izolo.
Ukususwa ezikhundleni nokuxoshwa kwamalungu athile sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba kwiMK njengoba bebaningi asebeke babhekana nale nkinga. Kubo singabala uMnu Jabulani Khumalo ongumsunguli weqembu, owaxoshwa nguZuma noBonginkosi Khanyile owasuswa esikhundleni sokuhola intsha waba yilungu elijwayelekile leqembu.