UZuma uzwakalise ukukhathazeka ngokuhamba kwabangani bakhe emhlabeni

259

PHUMLANI GAMA 

UCHAZWE njengendoda ebizinikele futhi inothando umsunguli weMishini iKwaSizabantu, eKraanskop, uMfu Erlo Stegen (88). 

Izikhulumi ezahlukene ebezishiyelana inkundla enkonzweni yokuvaleliswa kwalo mholi ngeSonto, bezincoma uthando lwakhe kusukela ebusheni bakhe kwaze kwaba ubizelwa eNkosini ngenyanga edlule. 

Kuzona zonke izikhulumi ebezikhona, belingasali igama leNkosi Mangosuthu Buthelezi ngenxa yobudlelwano bayo nomufi.

Igama okubizwa ngalo imishini laqanjwa ngamalungu omphakathi waKwaMaphumulo, ngoba bebona izithelo nosizo olwalutholakala kule ndawo. 

Ngaphambi kwalo, yayibizwa ngokuthi kuKwaMthetheleli emuva kwezenzo zakhe zokuthethelela ababemonile. 

Ethula inkulumo yakhe uMnu Jacob Zuma kule nkonzo, uthe kumshiya nemibuzo engaphenduleki ukuhamba kwabaholi abanamagalelo ngalolu hlobo esiZweni samaZulu. 

“Bobabili laba baholi, uMntwana waKwaPhindangene noMfu Stekeni, ngabangani bami. Ukuhamba kwabo 

kungenza ngingakhululeki ngoba kangiqondi ukuthi kwenzekani noma kuwuphawu lokuthi sonke thina esibadala sesiyahamba. 

 “Ubaba uStekeni ubeyindoda enothando, ubehlala engisiza uma nginemicimbi yokupha izingane nezaguga ngezikhathi zikaKhisimusi,” esho.

UMntwana uSiphiwe Zulu uthe iNgonyama kaZulu, uMisuzulu, inxusa ukuba umphakathi uvikele izingane nomndeni kaStekeni. 

“INgonyama yamaZulu ikhathazekile ngokuhamba kukaMfu Stekeni. Ifisela uSte-keni uhambo oluhle. 

“INgonyama ike yahlala kule ndawo futhi ikhuliswe kuyona le mishini ifana nezinye izingane,” kusho umntwana.

Ekhuluma egameni lemishini uMnu Michael Ngubane, uthe bashayekile ngokudlula emhlabeni kwalo mholi. 

UMnu P Tungwarara ongumeluleki kaMnu Emmerson Mnangangwa, ongumengameli waseZimbabwe, uthe leli bandla lizophiwa umhlaba ongaphezulu kwamahektha awu-600 ukuze liqhubeke nokwenza yonke imisebenzi yalo. 

UMNU Jacob Zuma enoMntwana uZuzifa Buthelezi nondlunkulu wakhe, uMichelle, uMaMohale besenkonzweni yomncgwabo kaMfu Erlo Stegen, KwaSizabantu.

Previous articleUShenge usishiyele ifa lobuhlakani nolwazi
Next articleImeya ixwayise abazophazamisa iphrojekthi yamanzi eDumbe