UZuma wamukelwe ngenhlokomo eChibini

200

LUCKY CAIN

WAMUKELWE ngemikikizo uMengameli weMK Party (MKP), uMnu Jacob Zuma (osesithombeni), ngesikhathi ehambele iSt John’s Apostolic Faith Mission, ebinenkonzo enkulu yomgidi ngoMgqibelo ebusuku eClermont, eThekwini.

UZuma ubevakashele kuleli bandla laseChibini ngenhloso yokuyoqhuba umkhankaso wakhe wokunxenxa abantu ukuba bavotele  iMKP. 

Kusukela ngomhla ka-16 kuZibandlela (December) nyakenye – ngemuva kokuba ememezele ukuthi uzovotela iMKP – leli qembu libonakala likhula ngesivinini, ikakhulukazi emalokishini aKwaZulu-Natal.

UZuma wathi nakuba eyilungu likaKhongolose, kodwa ngeke ayivotele “i-ANC ka(Cyril) Ramaphosa”. 

NgeSonto uZuma uqhubeke nomkhankaso weqembu lakhe KwaMashu.

I-MKP kulindelwe ukuba yethule umqulu wezethembiso zayo zokhetho ngoMgqibelo e-Orlando Stadium, eSoweto. 

Previous articleUkhala ngomthetho unina wesisulu “esidlwengulwe” ngumfundisi oyisihlobo
Next articleSisekakeni uma kusavota abantu abathi uRamaphosa wafika neCovid-19